
Umcwaningi Osemusha Ubhekise Amabombo eCambridge University
Click here for English version
Umcwaningi osemusha we-Multinational Lung Cancer Control Programme (i-MLCCP) Yasekolisi Yesayensi Yezempilo eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, uNksz Sinenhlanhla Zondo, ubabele e-Cambridge University, eNgilandi, ukuyokwenza izifundo zonyaka ze-MPhil Kwezempilo Yomphakathi.
Umkhakha uyinhlanganisela yezifundo Zezempilo Yomphakathi neze-Epidemiology.
UZondo wenza izifundo zokucubungula imininingwane ngokomgomo womsebenzi we-MLCCP ohlose ukuphucula izindlela zomphakathi zokuhlola nokwelapha umdlavuza wamaphaphu. Kumanje ulungiselela ukushicilela izahluko ezizophuma encwadini yezocwaningo.
Uthe: ‘Ukuthola ithuba lokuyofunda e-Cambridge University kungikhombise ukuthi ungazuza noma yini uma uzimisele. Amanyuvesi aphesheya, ikakhulu i-Cambridge, abekude kakhulu kunami kodwa manje ngimatasa ngilungiselela ukuyoqala isahluko esikhulu empilweni yami.
‘Ngokomqondo ngizilungiselela uhambo lokwenza iziqu ezinzima ze-Master of Philosophy enyuvesi ehlonishwayo emhlabeni. Ukuzibona ngiphakathi kwabafundi abavelele emhlabeni kungikhuthaza ukuthi ngiphokophelele ukuba negalelo kwezemfundo. Nginexhala ngalolu hambo njengoba ngisalindele ukwenza inhlolokhono yokuthola umfundaze enhlanganweni i-Gates,’ kusho yena.
UZondo ukholwa wukuthi ukuthola iziqu kuzomhlomisa ngamakhono awadingayo ukuthi akwazi ukufeza iphupho lakhe lokushiya umsizila emkhakheni wezempilo eNingizimu Afrika.
Kumanje ubhala ucwaningo lweMastazi kweZokwelapha ebhekwe ngeso lokhozi wuDkt Khumbulani Hlongwana noDkt Themba Ginindza baseSikolweni Sezobuhlengikazi kanye Nezempilo Yomphakathi.
UNZondo, owazalelwa wakhulela eMgungundlovu, uzalwa emndeni wabathathu onhloko yawo wumame. ‘Ngisakhula ngangithanda imfundo nezemidlalo, okwangiwinisa izindondo eziningi, phakathi kwazo okukhona nomklomelo engiziqhenyayo ngawo: ukukhethwa njengeNhloko yamaNtombazane kuMatikuletsheni esikoleni ngo-2009,’ kusho u Zondo.
Umlandeli wakhe omkhulu wumnewabo uBongumusa ongumhleli we-inthanethiwe-Aquavisions, inkampani yezemikhiqizo esebenzisana ne-Animal Planet ne-National Geographic.
‘Ukukhuliswa wumuntu wesifazane engimthatha njengomuntu wesifazane onamava kungifundise izinto ezizongithwala impilo yami yonke njengomuntu wesifazane onsundu.’
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini