Kusuka phezulu kwesobunxele wuDkt Normah Zondo, uDkt Sheetal Soni, uMnu Lukhona Mnguni, uNks Yasmin Rajah, noMnu Thifulufheli Sinthumule.I-UKZN Ibiyenze Iwebhina NgeNyanga Yababaleki Emhlabeni Ngesikhathi Sale Nkinga
Click here for English version
Ngesikhathi kudlange inkinga yamalungelo abantu eThekwini, lapho kukhona izinkulungwane zababaleki eHholo lase-Sherwood ngemva kokubaleka ezindaweni abahlala kuzona, iNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) ibihlele iwebhina yokukhumbula iNyanga Yababaleki Emhlabeni.
Ukuhambisana nendikimba yewebhina ethi ‘isibindi’, uDkt Normah Zondo, uMqondisi Omkhulu weZokuxhumana eNyuvesi ubalule isibindi sababaleki athe nakuba bebhekene “nokungaqondi okukhulu nehlupheko” kodwa babaleka emazweni abadabuka kuwona beyobheka ukuphepha. “Sibungaza isibindi sabo, ukuphikelela neqhaza labo emiphakathini abaphila kuyona,” kusho uDkt Zondo.
Kule webhina ebilawulwa nguDkt Sheetal Soni wase-UKZN, kukhulume umfundi wakudala wase-UKZN noyisazi sezokuphatha, ezombusazwe nezentuthuko uMnu Lukhona Mnguni.
Ekhuluma ngomnqamlajuqu ohlongozayo wangomhlawama-30 Nhlangulana (obekwe ngababhikishi abaphikisana nabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho), obekuyizinsuku ezingama-20 ngesikhathi kunewebhina, uMnguni ubheke indikimba yesibindi uma kukhulunywa ngababaleki eNingizimu Afrika. “Ukubhula amahawu cishe kuyezwakala, kanti ingabe udinga isibindi esingakanani uma wabaleka kwelakini kanti manje usuhlushwa ezweni obalekele kulona?” kubuza uMnguni.
Ebala ezinye izizathu ezenza kubenzima kwabanye abantu ukuhlala emazweni abo, okubalwa kukhona “izimpi, udlame nokulwa”, uMnguni uthe nakuba isibindi sijwayele ukusho into enhle kodwa kulokhu “sibhekene nesibindi esivela ekwehlulweni, ekulahlekelweni nasekulahleni ithemba.”
Ukhulume ngesihloko “sababaleki bezomnotho”, wathinta nendaba yabantu okungenzeka ukuthi bangababaleki ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.
UMnu Thifulufheli Sinthumule, uMqondisi oMkhulu we-Consortium for Refugees and Migrants in South Africa (CoRMSA), ubheke izizathu zababaleki nabantu bokufika nesibindi esidingekayo ukushiya emakubo namazwe abo beyofuna ukuvikeleka nokukhosela. “Sibhekene nesimo esimbi manje emphakathini waseNingizimu Afrika lapho khona ukungahlinzekwa kwezidingo zabantu sekuqubule ulaka emphakathini ngemva kwangonyaka we-1994,” kusho yena.
USinthumule, onamava amakhulu ekulweleni nasekuvikeleni amalungelo abababaleki nabantu bokufika, uthe i-General Assembly yeNhlangano Yomhlaba yavumelana ukuthi uSuku lwaBabaleki “luhloniphe isibindi, amandla nokuphokophela ababaleke emazweni abo”.
Uncome i-UKZN ngokwenza iwebhina ebeyimpumelelo nehlelekile ngesikhathi esinzima kangaka.
UNks Yasmin Rajah ubheke ukugubha iminyaka engama-75 kwe-UN Refugee Convention “okuvikele futhi kwahlenga izimpilo zabantu abangababaleki abayizigidi ngezigidi. Iyisisekelo samalungelo abantu nokuvikelwa wumthetho.”
URajah, owaklonyeliswa yiKhomishini YaseNingizimu Afrika yamaLungelo Abantu ngomsebenzi wakhe oncomekayo emkhakheni wabantu abangababaleki nabokufika unanele okushiwo ngezinye izikhulumi wathi: “Izinto ziyabheda. Nakuba sinemithetho esezingeni eliphezulu kepha izichibiyelo ezintsha zomthetho zenze isimo sokuthi sihluleke ukuvikela abantu ababalekela ukuhlushwa.”
Esonga iwebhina, uNks Nokuthula van Dou, iMenenja yezoKuxhumana Ngaphakathi eNyuvesi, ubonge bonke abantu ngokwenza ukuthi ingxoxo ibesematheni futhi ibemnandi. Ugcizelele ukuzibophezela kweNyuvesi ekutheni ibengeyomhlaba wonke, wagcizelela umsebenzi wokuthwalisana wokwakha imiphakathi efaka wonke umuntu.
Ciphiza lapha ukubuka i-World Refugee Month Webinar.
Amagama: wu-Raylene Captain-Hasthibeer
Izithombe: Zithunyelwe



