Bekungubusuku bokukhuthazeka, ubuhlakani nezingxoxo ezinohlonze.Umfundi Wakudala Nonguthisha Ovelele Uthule Inkulumo Ekhuthazayo Ngemfundo
Click here for English version
UPhiko Lwabafundi Bakudala lwaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) belunomcimbi okhuthazayo we-Durban Alumni Association (DAA) lapho kukhulume khona umfundi wakudala nonguthisha oyikazela imiklomelo uMnuz Samkelo Mhlophe, odume ngelithi ‘iLembe Lothisha’.
Le ngxoxo ibiyingxenye yochungechunge lwemibuthano yeDAA oluhlose ukunika abafundi bakudala ithuba lokuxoxa ngohambo lwabo, izigameko nezeleluko nabalingani, abafundi nabantu baseNyuvesi yonkana.
UMhlophe, odabuka eMpumalanga, entshonalanga yaseThekwini, usengomunye wothisha abadumile ngenxa yezindlela zokufundisa zakhe ezisebenzayo nezinto azifundisa enkundleni yokuxhumana u-TikTok. Usenabalandeli abangaphezu kwabangama-832 000 nezincomo ezingaphezu kwezigidi ezili-10 million, okwenza i-akhawunti yakhe yabangenkulu kuneyabo bonke othisha e-Afrika.
Enkulumweni yakhe, uMhlophe ugxile ohambweni lwakhe kwezemfundo nasemsebenzini. Uthe, ngemuva kokuqeda umatikuletsheni eSikhethuxolo High School eMpumalanga, wathola umfundaze wokwenza i-Civil Engineering e-Nelson Mandela Metropolitan University eGqeberha. Nokho ngemuva kokuqeda izifundo zakhe, wabona ukuthi uthando lwakhe lusekufundiseni. Wabhalisela iziqu Zobuthisha e-UKZN.
Ngenkathi efunda e-UKZN, uMhlophe waqokwa wabangomunye wabafundi abayisishiyagalombili abayomela iNyuvesi eJalimane nase-Switzerland izinyanga eziyisithupha ohlelweni olugxile kwiqhaza lemfundo emphakathini. Uthi lelo thuba lamvula amehlo ngemfundo nobuholi.
Ekhuluma ngentshisekelo ngokufundisa, uMhlophe ugcizelele ukubaluleka kokwakha ubudlelwano obuqinile nabafundi nokwenza indawo abathakasela ukufunda kuyona. “Ukuze abafundi baphase isifundo sakho, kudingeka uqale ubenze ukuthi basithande,” kusho yena. “Uma sebesithanda sebezwa okufundisayo, kuba lula ukuthi bafunde kuwena.”
Uphinde wakhuluma ngokwesekwa akuthola ngesikhathi esafunda e-UKZN, wabonga uSolwazi Angela James, omunye wabafundisi bakhe ababaneqhaza elimqoka empilweni yakhe ngesikhathi esengumfundi.
UMhlophe uxoxe ngendlela uJames ameseka ngayo ngesikhathi esinzima empilweni yakhe ngemva kokushonelwa wunina. “USolwazi James wangisiza ngesikhathi esinzima kakhulu empilweni yami kanti ngiyohlale ngimbonga ngokungiseka kwakhe,” kusho yena.
Ngemva kokuthweswa iziqu ngonyaka wezi-2019, uMhlophe wafula ukusebenza efundisa i-Life Sciences kanti manje ufundisa eMakhumbuza High School eMlazi. Ngenxa yezindlela zakhe zokufundisa ezihlukile usezuze imiklomelo ehlukene, okubalwa kuyona owa-National Teacher Awards ngonyaka wezi-2025, lapho athola khona umklomelo i-Best Life Sciences Teacher awunikwa nguNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyiSisekelo uNks Siviwe Gwarube noMengameli Cyril Ramaphosa.
Namuhla, uMhlophe unezikhungo zemfundo ezihlukene nesikole sokuphucula imiphumela esisenkabeni yedolobha esibizwa nge-Education Made Easy, lapho eqhubeka khona nokweseka abafundi baseNingizimu Afrika nezinye izindawo.
Indaba yakhe iyisikhumbuzo esikhulu yamagalelo othisha abanentshisekelo ekuguquleni izimpilo zabantu nokubumba ikusasa lemfundo.
Amagama: wu-Ayabulela Mbhele
Isithombe: wu-Albert Hirasen



