Abafundi base-UKZN ebenza izifundo ze-Onazi abebeyobheka izindawo zobugugu nemifuziselo eThekwini namaphethelo.Ukufunda Ngokubona: Abafundi Base-UKZN Bavakashele Izindawo Zesikhumbuzo
Click here for English version
Njengengxenye yezifundo ze-Onazi yeziqu zoBuciko zoBugugu BamaSiko neZokuVakasha, abafundi beNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), bephelezelwa ngabasebenzi, bebevakashele izindawo zesikhumbuzo.
Inhloso yalolu hambo bekungukulekelela abafundi ukuthi bakwazi ukusebenzisa ulwazi lwencwadi empilweni ngobugugu bomumo, ubunjalo namasiko ezindaweni abebezivakashele, lapho bekugxilwe khona ekukhumbuleni amasiko nezokuvakasha zamasiko.
Lesi sifundo senziwa emkhakheni weZifundo ZamaSiko, EzokuXhumana noBuciko Bezandla, kanti lolu hambo beluyingxenye ebalulekile yalolu hambo njengoba lesi sifundo sihlose ukukhipha abafundi egumbini lokufunda, sibanike amathuba okuthi basebenzise ulwazi lwabo lwencwadi.
Ngokusho komdidiyeli walesi sifundo uSolwazi u-Sarah Gibson, sibenza ukuthi bakwazi ukubhekana nezinto ezibazungezile, Izinto zokuya kulolu hambo bezihlelwe yiKolishi leZobuNtu. Ukwenza ukuthi uhambo luhambisane nesifundo, uSolwazi Gibson uchaze ukuhamba ngezinyawo njengendlela yemfundo yesintu, yasemnyango nemqoka.
Izitshudeni ze-Onazi zikhonjiswe izakhiwo nemifuziselo zobugugu eThekwini namaphethelo nguGibson, umfundisi uNks Zainab Khan noSolwazi osathatha umhlalaphansi kodwa osengusolwazi uSolwazi Donal McCracken.
UGibson uthe lolu hambo belufundisa futhi lumnandi lapho abafundi bevakashele khona imifuziselo eyisishiyagalolunye.
Uhambo luqale ngezikhumbuzo namagugu asekhempasini i-Howard College uqobo, ngaphambi kokuya ngaphandle ukuyobona i-Albert Luthuli Square, i-Margaret Mncadi Avenue nesikhumulo sezindiza i-King Shaka International Airport.
UGibson uphawule wathi: “Ukuya kwimifuziselo yaseThekwini emisha ka-Nelson Mandela no-Oliver Tambo kubeyisasasa elikhulu kubasebenzi nabafundi ngenxa yokuthi le mifuziselo yethulwe ngokusemthethweni ngoNdasa kulo nyaka.”
Amagama: wuSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe



