Kusuka kwesobunxele; USolwazi Anil Chuturgoon, uDkt Nqobile Gumede, uNks Lindiwe Mashimbye noMnuz Zweli Sapula.I-UKZN Ifolose Ngezemidlalo Nge-World Intellectual Property Day 2026
Click here for English version
INyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) igubhe i-World Intellectual Property Day 2026 ngokukhangisa ngokuthi ezemidlalo zishintsha kanjani ukubayimpahla yobunikazi bengqondo, ngokuhambisana nendikimba yomhlaba jikelele ethi ‘IP and Sports: Ready, Set, Innovate’!, iholwa yi-National Intellectual Property Management Office (NIPMO).
Lo mcimbi obusekhampasini yase-Westville, ubuhlanganise izifundiswa, ongoti bomthetho, abaholi bezimboni ezihlukene nabafundi ukuzodinga izindlela zokuthi ubunikazi bengqondo buziguqula kanjani ezemidlalo ukuthi zishintshe izinto, zingenise imali futhi zikhulise isikhungo.
Umphathi wohlelo uSolwazi Rowena Naidoo, onguMholi weZifundo yeSayensi Kwezemidlalo, ubalule ukuxhumana okungavamile ukunakwa phakathi kwezemidlalo nobunikazi bengqondo. “Ubunikazi bengqondo buxhumene kakhulu nezemidlalo ngaphezu kwalokho esikubonayo.”
Ivula umcimbi, i-medical biochemist Deputy Vice-Chancellor: Research and Innovation (ebambile), uSolwazi Anil Chuturgoon igcizelele ukuthi ezemidlalo zesimanje azisathinti ukunyakazisa umzimba kuphela kepha zithinta ubuchwepheshe, ukukhanganisa nedatha.”
U-Chuturgoon uthe amanyuvesi aneqhaza elikhulu kulo mnotho, wanxusa abacwaningi nabafundi ukuthi “bathayime ngobunikazi bengqondo” ekuboneni nasekuvikeleni izinto ezintsha ezisungulwayo.
Ngasohlangothini lwesikhungo, uMqondisi woKusungula namaBhizini oPhikweni loCwaningo noKusungula uDkt Nqobile Gumede uthe Isikhungo Sokusungula namaBhizinisi saseNyuvesi njengesikhuthazi sohwebo. “Sakha umgudu wohwebo, siguqula ucwaningo silwenze imikhiqizo elungele ukudayiswa, sakhe nobudlelwano.”
Imibono kaNks Lindiwe Mashimbye wase-NIPMO ifakazele iqhaza lomsebenzi wobunikazi bengqondo kwezemidlalo. “Amalungelo obunikazi bengqondo awuhlaka lohwebo kwezemidlalo,” kusho uNks Mashimbye, okhombise ukuthi ukuvikela ubunikazi, imidwebo kuhambisana kanjani. “Imvume yegunya lobunikazi livikela ubuchwepheshe, umdwebo uvikela ukubukeka kanti ubunikazi buvikela indlela okukhangiswa ngayo.”
UNks Mashimbye ugcizelele injongo yomthetho wokuvikela ubunikazi bengqondo i-Intellectual Property Rights Act. Uthe: “Ubunikazi bezinto ezixhashwe ngemali yomphakathi kufanele zivikelwe, kuhlomule umphakathi ngokuhweba ngazo.”
Ungoti womthetho, uMnuz Patrick O’Brien wase-Spoor & Fisher, ubalule amathuba okuhweba akhona nezinto ezithinta umthetho wobunikazi bengqondo kwezemidlalo. Uthe: “Ukuvikela imidwebo kuvala izikhala ezisala ekuvikeleni amagunya obunikazi bengqondo.”
U-O’Brien uxwayise izinkampani ngokudembesela ukuvikela ubunikazi. “Kuyaphoqala ukufaka isicelo se-trademark.”
Ugcizelele ukubaluleka kokukhangisa, wathi minyaka yonke kubanjwa izimpahla eziwumbombayi ezibiza izigidi zamarandi, okwenzeka ngenxa yokuvikeleka kobunikazi.
Ngasohlangothi lweZemidlalo lwase-UKZN, uMnu Zweli Sapula wethule umyalezo omqoka. “Ezemidlalo e-UKZN azisewona umdlalo kepha ziyimpahla yesikhungo.” USapula uhlanganise ezemidlalo nempumelelo yabafundi nokusimama kwesikhungo. “Sinakekela umfundi wonke - ngokwemfundo, uqobo lwakhe nangokwezemidlalo.”
Njengoba inezinga lokugcina abafundi abangabadlali elingama-85% nelokuthweswa iziqu elingama-78%, i-UKZN isebenzisa ezemidlalo ukuthuthukisa nokucija, ibe ihlose ukuphucula imiphumela.
USapula uthe: “Ngeke sithembele emalini yeNyuvesi kuphela, kufanele sense inzuzo ngalokho esinakho.”
Umbono wemboni uqhamuke kuSihlalo we-Durban City Football Club, uMnuz Farook Kadodia, okhombise ukuthi ubunikazi bengqondo busebenza kanjani emabhizinisini. Uthe: “Asakhi iqembu kuphela kodwa sakha ibhizinisi elibanzi elakha umnotho.”
Ubuke ezemidlalo ngeso lobunikazi, wathi: “Yonke imidlalo iyinto yokukhangiswa, wonke umdlali uyigama kanti wonke umlandeli ungumlingani. U-Kadodia ukhombe amathuba akhona embonini yezemidlalo yaseNingizimu Afrika. “Izethameli zikhona, okushodayo wuhlaka lokwenza imali ngazo.”
Umcimbi uphethe ngomyalezo wobunye, othi ubunikazi abusona isidingo somthetho kuphela kodwa siyisikhali esimqoka, esidinga kubonakala amandla aso bese sisetshenzisswa ngendlela eqotho.”
UDkt Gumede unanele lo mqondo ongumkhombandlela. Uthe: “Okubalulekile wukuthi kwenzekani ngemva kwalokho - ukuthi siyesebenzisa kanjani le mibono.”
Amagama: wu-Nombuso Dlamini
Isithombe: wu-Albert Hirasen



