
I-UKZN Yeseka Umkhankaso i-Crazy Socks4Docs
Click here for English version
Abafundi bezobudokotela base-UKZN beseke umkhankaso i-#CrazySocks4Docs (i-CS4D) ngokubambisana nezisebenzi kanye nabafundi bezokwelapha abaphila nokukhwantalala nezinye izinselelo zengqondo.
Njengengxenye yomkhankaso, i-Falke, Ithemba Foundation, ne-Cipla banikele ngamasokisi ayi-12 000 asezingeni eliphezulu nagqamile kuzisebenzi nabafundi bezempilo eNingizimu Afrika.
Inhloso bekuwukukhuthaza abantu abaningi ukuthi babambe iqhaza ngokugqoka amasokisi agqamile nangafani mhlaziyi-7 kuNhlangulana bese befaka lezo zithombe ezinkundleni zokuxhumana nge-hash tag ethi #CrazySocks4Docs noma ethi #ithembafoundation.
UMengameli woMkhandlu waBafundi baseSikoleni Sezokwelapha e-UKZN, uMnu Ali Mlambo, uthe umkhankaso i-CS4D uqhakambise izinto ezibalulekile emkhakheni wezokwelapha.
‘Ziningi izinto ezidala izinkinga zokugula ngokwengqondo kubafundi nakuzisebenzi zezempilo ukuze ucwaningo kulo mkhakha lube neqhaza ekulungiseni izinto,’ kusho yena.
‘Ngifisa ukubona izinhlelo eziningi ezigxile ezindabeni zempilo yezengqondo, kusukela ekuqedeni ihlazo lenkinga nokukhuthaza iziguli ukuthi zithole usizo, ikakhulu abafundi abamnyama, nezinhlelo zokuqwashisa ngale nselelo nokufundisa abafundi ukuthi bazinakekele nokudala izimo zokuthi sibe ngcono isimo sempilo. Kuningi okudingekayo endleleni yokwenza izinto ngokwesiNtu, ngokomoya, nangezinye izindlela,’ kusho yena.
Isimo kuzisebenzi zezempilo zaseNingizimu Afrika sike sibe nzima. Kuyaziwa ukuthi amazinga okhwantalala aphezulu ikakhulu kulezo zisebenzi ezizibophezele ekwelapheni abanye abantu. Ucwaningo lwase-Cape Town olubizwa ngokuthi: A Bitter Pill to Swallow, lwathola ukuthi odokotela basemitholampilo abangamaphesenti angama-30 baphila nokhwantalala. Ngalowo mzuzu, kulinganiswa ukuthi izingxenye ezintathu kwezine zabafundi bezempilo baseNingizimu Afrika bake bacabange ukuzibulala kanti bangaphezu kwamaphesenti ayisithupha abafundi abake bazame ukuzibulala.
Umkhankaso i#CrazySocks4Docs- onhloso yawo wukuqhakambisa izinselelo zesimo sengqondo umkhakha wezempilo obhekene nazo nokweseka lo mkhakha- wasungulwa e-Australia ngowezi-2017.
Isikhulu sezokukhangisa i-Falke SA, u-Keaton Quarmby, sithe i-Falke iyaziqhenya ngokweseka lo mkhankaso wokuqwashisa ngengcindezi kodokotela nezinye izisebenzi zezempilo eNingizimu Afrika nomthelela wazo empilweni yazo. ‘Sifisa ukuqala ingxoxo nokuqwashisa ngodokotela nezindaba zempilo yesimo somqondo wabo, sibakhuthaze ukuthi bathole usizo uma beludinga.
Isikhulu esiphezulu se-Cipla Medpro, u-Paul Miller, sithe: ‘Umkhankaso i#CrazySocks4Docs umayelana nokuqhakambisa isimo sengcindezi ehambisana nomkhakha wezempilo nokukhumbuza odokotela ukuthi nabo kufanele bathole usizo uma beludinga, noma ngabe luthinta umzimba noma umqondo. Sifisa ukushintsha isiko lomkhakha wezokwelapha, sikhumbuze odokotela ukuthi abalingani babo bakhona ukuthi babasize uma bedinga usizo. Ngaphezu kwalokho sifisa ukukhuthaza bonke abantu ukuthi banakekele labo ababanakekelayo.’
UNks Suzanne Stokes, ongumeluleki wezitshudeni eKolishi Lezifundo Zezempilo e-UKZN, uthe: ‘Asishintshe izinto zikhulume ngento okungakhulunywa ngayo, okuyindaba yesimo sengqondo. Asinakekele labo abasinakekelayo!’
Obekhona ukuzokweseka lo mkhankaso, umfundi wezifundo zobudokotela owenza unyaka wesihlanu, uMnu Mpilo Sbusiso Bhengu, othe: ‘Isimo sengqondo yakho simqoka. Ukhwantalala yinto ekhona kanti akusilo ihlazo ukukhuluma ngalo nokufuna usizo uma unalo. Bakhala kubani odokotela uma bedinga usizo? Abakhulume nabo, abaphume bafune usizo ukuze babe ngodokotela abahle abadalelwe ukuthi babe yibo!’
Ithemba Foundation yinhlangano engenzi nzuzo eqwashisa ngokhwantalala ukuthi luyisifo, nefuna usizo lwezimali ukweseka imikhankaso yocwaningo.
Uma kukhona omaziyo ophazamisekile esimweni sempilo yengqondo noma oke acabange ukuzibulala odinga usizo, shayela inombolo yamahhala neyezikhathi zonke yakwa-CIPLA ethi: 0800 456 789 noma uthumele u-WhatsApp ku: 076 882 2775 ukuze uthole usizo lokwelulekwa lwamahhala.
Amagama: ngu-Lihle Sosibo