
Imigomo Yoguquko Yase-UKZN Ihamba Ngokohlelo
Click here for English version
I-UKZN iqhubekile negama layo elihle lokuba ngenye yamanyuvesi aguquke kakhulu eNingizimu Afrika ngokwezibalo ezisanda kuphuma.
Izibalo ziveze ukuthi kwizimenenja ezinkulu ama-60% ngabantu bomdabu, ama-20% ngabantu besifazane bomdabu nama-90% ngabantu abamnyama (okungamaKhaladi, abantu bomdabu namaNdiya).
Khonamanjalo, bangaphezu kwama-30% abantu besifazane abasezikhundleni zezimenenja ezinkulu nama-26% abasemkhakheni wezimenenja eziphakathi nendawo. Cishe bangama-50% abayizimenenja ezisemazingeni aphansi.
Uma kuqhathaniswa nokumeleleka kwabasebenzi ezweni lonke okungama-34.60% nomgomo wesifundazwe wama-39.70% wabantu besifazane, isibalo e-UKZN singama-35.69%. Kwabesilisa bomdabu imigomo ingama-41.70% ezweni lonke nama-45.10% esifundazweni kanti e-UKZN isikali ngama-28.52%.
UMqondisi Wezabasebenzi uNks Busisiwe Ramabodu uthe kumazwibela angonyaka wezi-2020, ophazanyiswe kakhulu yiCOVID-19, kube ngukwenyuka kothisha abasohlelweni olaziwa njenge-Accelerated Academic Development Programme abafinyelela kuma-63 afinyelela ezingeni lokuba ngothisha nothisha abakhulu kusukela kwasungulwa loluhlelo ngonyaka wezi-2018, kanti kukhushulwe abayisishiyagalombili ngonyaka.
Kube nenqubekelaphambili nasohlelweni i-New Generation of Academics Programme (i-NGAP) exhaswe nguMnyango WezeMfundo ePhakeme NezokuQeqesha ngenhloso yokweseka amanyuvesi ukuthi aqashe izifundiswa ezintsha, kushintshe nesimo sawo. I-UKZN inikwe ngaphezu kweziR62 million ukuthi izisebenzise kusukela kusiGaba 1 kuya kusiGaba 6 saloluhlelo ukwenza ukuthi iNyuvesi ifinyelele emgomweni wokuguquka.
Kuqashwe izifundiswa zeNGAP ezingama-21, ezinhlanu kuzona zaqeda izifundo zobudokotela, zagunyazwa. Uthisha oyedwa uqashwe eMkhakheni WeziBalo eqashelwa isiGaba 5, abanye kwaba ngabemikhakha YezobuNjiniyela, EzeSayensi YamaKhompyutha NoweziBalo.
Ngaphezu kwalokho abafundi abangama-32 basohlelweni oluvunywe wuMkhandlu wase-UKZN i-Talent Excellence and Equity Acceleration Scholarship (iTEAEAS) ne-Graduate Development Programme (i-GDP) kanti basendleleni yokuthi babe yizifundiswa, njengoba abangama-22 sebebhalisele iziqu zobudokotela. umfundi oyedwa uqede iziqu zezobudokotela ngonyaka wezi-2020, wathola umsebenzi wokuba nguthisha eSikoleni seKhemistri neFiziksi, okuyngumfundi wesihlanu ukuthi angene kwezokufundisa ngokugcwele.
URamabodu uthe iCOVID-19 yenze unyaka wezi-2020 waba ngunyaka onezinselelo kubafundi nasezifundisweni ezisafufusa, okuphazamise ucwaningo lwazo. Into emqoka ngalowonyaka kube wukuqinisekisa ukuthi izidingo zabo ziyanakekelwa ngaphansi kwe-Student Support Services and Employee Wellness Services.
Kunezinhlelo ezimbalwa zeNyuvesi zokukhuphula isibalo sosolwazi bomdabu babantu besifazane nabafundisi abacijwayo abangabantu besifazane.
URamabodu uthe kwenziwe i-Employment Equity Guidelines ukusiza uma kuqashwa abantu. ‘Sicele izikhungo ezitholelana abasebenzi ukuthi zisilekelele. Okunye wukuthi Imbokodo Women in Leadership and Academia Programme inezinhlelo zokubhekana nalezizinto.’
I-UKZN inikwe wuMnyango wezeMfundo ePhakeme imali engaphezu kwezi-R3 million ukuthi ivule izikhundla ezinhlanu ngaphansi kohlelo i-Nurturing Emerging Scholars Programme (i-NESP). Inhloso ngukweseka abafundi abenza iziqu zeMastazi ukuthi bangene emkhakheni wezokufundisa.
Zonke lezizinhlelo nalemikhankaso kwesekwa nguMkhandlu weNyuvesi nabaPhathi benyuvesi noMyango wezeMfundo Ephakeme kwezoguquko.
Amagama: nguSithembile Shabangu
Isithombe: Sithunyelwe