
ISikole SezobuCiko Sethula iFukamisa Intsha Film Project
Click here for English version
Umkhakha we-Media and Cultural Studies (eSikoleni sezobuCiko) ngokuhlanganyela ne-Centre for Creative Arts (i-CCA) bazoba nohlelo lokuqeqesha abafundi abasanda kuthweswa iziqu nabenzimafilimu ngaphansi kohlelo iFukamisa Intsha Film Project.
Inhloso wukudlulisa amakhono kwabafundisayo bedlulisela kubenzimafilimu abasanda kuthweswa iziqu, abanye emkhakheni weMedia and Cultural Studies eSikoleni sezobuCiko.
Lomkhankaso uholwa ngothisha be-Media Studies e-UKZN oNks Abulele Njisane, uLuthando Ngema, noMnu Mzwandile Makhanya.
UNgema uthe: “Abaningi kulaba bafundi bathwale kanzima ngenxa yokusweleka komsebenzi namathuba okuqeqeshwa kubenzimafilimu abasafufusa. Loluhlelo olusha luzokwenza ukuthi abafundi baxhumane neCCA, ehlela imikhosi yaminyaka yonke emine, okuyi-Time of the Writer, iJOMBA! Dance Festival, i-Durban International Film Festival ne-Poetry Africa Festival, yonke eyizinkundla zezobuciko nezamasiko ezibheka, zigubhe futhi zihlole umfutho wesizwe.’
Womane amafestiveli enzelwa ophikweni lweNyuvesi oluseHoward College eThekwini kanti aneqhaza elimqoka ekuqeqesheni abaphathi bezobuciko, amathimba ezingcweti, amaciko nezinye izinhlobo zamaciko ezisebenza emikhakheni ehlukene.
Ngaphezu kwalokho iCCA izokwethula ifestiveli encane ebizwa ngokuthi yi-Art, Democracy & Constitution, ezonika abafundi abafundela ukuba ngabenzimafilimu ithuba lokuqopha ividiyo yemizuzu emihlanu esasimemezelo esikhuthaza abantu ukuthi bajule ngobudlelwano phakathi kobuciko, idemokhrasi nomthethosisekelo.
‘Esebenza ngamaqembu amane, ithimba ngalinye lizocijwa ngokufundwa encwadini nokwenziwayo mayelana nokudidiyela ividiyo ngosizo lwe-National Film and Video Foundation (i-NFVF), kanjalo nabenzimafilimu abavuthiwe abazocathulisa abafundi ngezindlela zokucwaninga, ukubhala, indlela yokusebenzisa ikhamera nezinye izinto ezithinta ukwenziwa kwevidiyo,’ kusho uMakhanya.
UNjisane uthe: ‘Ukwenza uhlelo lokuqeqeshela amavidiyo ngobuciko, idemokhrasi nomthethosisekelo yithuba elihle lokwenza ukuthi abafundi bagxile ekuboneni ukuthi izindlela zobuciko nezamasiko ezaqutshulwa wumbutho i#BlackLivesMatter zimqoka ngani endleleni esithintwa ngezobuciko, idemokhrasi nomthethosisekelo ekubumbeni noma ekubulaleni isizwe sethu.’
Ividiyo ngayinye izohlolwa yithimba longoti abazobheka izinto ezihlukene ezithinta ukukhiqizwa kwamavidiyo njengezimemezelo zomphakathi. Ividiyo eyodwa izokhethwa yithimba labehluleli bese inikwa isabelomali sokuthi yenziwe ifilimu yemizuzu eli-15 ezodlalwa kwi-Durban International Film Festival yanonyaka.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe