Umcwaningi Ohlonishwayo Wase-UKZN Noyisishoshovu Samalungelo Abantu uSolwazi David McQuoid-Mason Ugubha Iminyaka Engama-50 KwezeMfundo
Click here for English version
Ukulwela ubulungiswa emphakathini ngenxa yokuhlangana kwakhe noNelson Mandela; ukusungula iklinikhi yezomthetho eNingizimu Afrika; ukuba ngumcwaningi oseqophelweni eliphezulu ngokwe-National Research Foundation; nokufundisa ongoti kwezomthetho ngezinye zezinto uSolwazi wezoMthetho uDavid McQuoid-Mason wase-Centre for Socio-Legal Studies yase-UKZN azohlonishwa ngazo ngenkathi kugujwa iminyaka engama-50 ekwezemfundo kuleNyuvesi.
U-McQuoid-Mason waqala ukufundisa ezomthetho ngonyaka wezi-1971 eNyuvesi yaseNatali. Akagcinanga nje ngokusungula isikhungo sokuqala sezomthetho eThekwini ngo-1973 kodwa futhi wasungula uhlelo lokufundisa ngezomthetho i-Street Law eNingizimu Afrika ngo-1986. Lokhu kwaholela ekutheni ahambele amazwe angama-132 ukuyofundisa ngezemfundo yomthetho nezokuqeqesha kwezemthetho nezempilo kanjalo nokubhalwa komthetho wabameli bakahulumeni.
U-McQuoid-Mason, owake waba yiDini eSikoleni SezoMthetho e-Howard College eNyuvesi yaseNatali, okuyisikhundla asiphatha iminyaka eli-13, ugxile eMthethweni weZempilo nezeNqubonhle, Ukuthola ezoMthetho neMfundo Yezomthetho. Useke wafundisa izingwazi ezinjengeNhloko yaMajaji yakudala eNingizimu Afrika uSandile Ngcobo, Inhloko yaMajaji yamanje uMogoeng Mogoeng, Iphini leNhloko yaMajaji uRaymond Zondo, noMqondisi Wezokushushisa ezweni lonke u-Advocate Shamila Batohi. Ngesikhathi somzabalazo wayebambisene nomufi owayeyiNhloko yaMajaji uPius Langa nabanye ozakwabo be-National Association of Democratic Lawyers ne-Mass Democratic Movement.
U-McQuoid-Mason unguMengameli we-Commonwealth Legal Education Association, ilungu lakudala le-Human Rights, Ethics and Professional Practice Committee of the Health Professions Council of South Africa nelungu le-Steering Committee le-Global Alliance for Justice Education. Usake wahlonishwa nge-Special Mention yi-UNESCO ngomsebenzi wakhe kwezemfundo yamalungelo abantu, indondo ‘i-Advocate of the Year’ ye-Street Law Incorporated (yaseMelika). Useke wahlonishwa ngeZiqu zoBudokotela ngomsebenzi wakhe emhlabeni jikelele yi-University of Windsor in Canada ne-University of Northumbria e-United Kingdom.
Kuze kube namuhla u-McQuoid-Mason usebhale amaphepha ocwaningo evile kuma-200 emabhukwini ocwaningo ezomthetho nezempilo, waphosa esivivaneni ezahlukweni ezingaphezu kwezingama-70 zezincwadi, wabhala ngokuhlanganyela izincwadi ezingama-24. Njengoba engumuntu okhuthele, ngisho nangesikhathi sobhubhane, kumanje ulekelela amakomiti amancane e-Ministerial Advisory Committee on COVID-19 kanjalo ne-Gender and Human Rights Commission nabameli abazimele bomsubathi wama-Olympic u-Caster Semenya njengoba bephikisa isinqumo e-European Court on Human Rights. Ulekelela ukubuyekeza imigomo yokubhalisa izibhedlela nodokotela eMnyangweni weZempilo. Ungumeluleki wezibhedlela eziyisishiyagalolunye namakomiti amaningi ezibhedlela zikahulumeni, odokotela abazimele, ozakwabo kwezemfundo yezempilo, abanye abasebenzi bezempilo ngezinto ezithile ezithinta ezomthetho nokuziphatha ngobhubhane kanti kumanje umatasa ubhala izinhlelo zokuqeqesha abasebenzi bezempilo baseGhana namasingabameli baseSomalia.
Ukugubha umlando ka-McQuoid-Mason, i-UKZN izoqala isikhwama esizokhipha imifundaze kubafundi be-LLB abavelele kwezomthetho wamalungelo abantu kuNhlangulana. KuMandulo kuzokwethulwa iwebhina yomhlaba wonke ebizwa ngokuthi Clinical Legal Education: International Best Practices Pre- Present and Post- the COVID-19 Pandemic. Ukugujwa kwempumelelo yakhe kuzophelela ekushicileleni iphephabhuku lokugubha elizoba namaphepha ocwaningo othisha abavelele bezemfundo yomthetho bakuwo wonke amazwekazi.
IDini yeSikole seZomthetho, uSolwazi Managay Reddi ithe ozakwabo baka-McQuoid-Mason bayaziqhenya ngokuba nomuntu onjengaye phakathi kwabo. ‘Sinenhlanhla enkulu ngokuhlomula ngolwazi olunzulu luka-David, imibono yakhe enohlonze nolwazi lwakhe kuyona yonke leminyaka. Sinesasasa lokugubha impumelelo yakhe engavamile nenkulu yeminyaka engama-50 e-UKZN kanti simfisela eminye iminyaka eminingi efundisa.’
Amagama: nguThandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe