Ukumelana Nosizi
Click here for English version
Igatsha lase-UKZN le-South African Medical Students Association (i-SAMSA) isingathe iwebhina ukulekelela abafundi namalungu omphakathi ukuthi bakwazi ukumelana nosizi.
Kulewebhina bekunezinkulumo zongoti abathathu emkhakheni wezempilo nengqondo obekungoNks Cindy Coleman (isifundangqondo sezifo zengqondo), Tracey Brand (isifundangqondo ngenhlaliswano) noDkt Hilton Humphries (isifundangqondo sezocwaningo).
Umfundi wezobudokotela nongumengameli we-SAMSA uNks Serini Reddy uphawule wathi: ‘Ubhubhane I-COVID-19 lusiphoqe ukuthi sibhekane nezinhlobo ezehlukene zokulahlekelwa ngaphezu kokulahlekelwa ngabantu bomndeni nabangani, ukulahlekelwa kwezomnotho, ukuphelelwa wukuphepha nokuphela amandla. Sililela ukulahlekelwa yizona zonke lezizinto kanti imiphumela yempilo yengqondo yalolubhubhane isasihlalele. Yingakho kubalulekile ukuvuselela ithemba ngempilo nokunakekela impilo yezingqondo zethu. Lena bekuyiyonanhloso yalewebhina.’
Umyalezo omqoka wazozonke izikhulumi ubuthi: ‘Uma kukhona ososizini, kuhle ukumeseka ngokuba seduze kwakhe, umlalele uma edinga ukukhuluma. Ungehluleli muntu ngosizi aluzwayo, inqobo nje uma ephephile futhi ephila. Uma kunomuntu oke wehlelwa yinto ebuhlungu, noma ezilimaza noma enosizi angakaze abhekane nalo, kubalulekile ukumsiza ukuthi athole usizo longoti.’
Ongoti babale izigaba ezinhlanu zosizi okuwukungemukeli isimo, intukuthelo, ukuthatha ubeke, ukhwantalala nokwemukela. Esinye isethameli siphawule sathi: ‘Siyabonga kuzona zonke izikhulumi. Ngashonelwa ngubaba ngoNtulikazi ngonyaka odlule kanti ingithintile inkulumo kaNks Cindy Coleman ngezigaba ezinhlanu. Ngiyajabula ukuzwa ukuthi kulungile ukukhala nakuba ubucabanga ukuthi uyakwazi ukubhekana nesimo esinzima.’
Iwebhina iyatholakala ku-YouTube kanti itholakala ngokuchofa ku https://youtu.be/QCr--dK_PCs
Amagama: ngu-Nawaal Jacobs
Izithombe: Zithunyelwe