Ingxoxo YeNyanga Yamalungelo Abantu Ngokwelapha NgesiNtu
Click here for English version
UMqondisi we-National Research Foundation Centre in Indigenous Knowledge Systems (i-CIKS) eMnyangweni wezeSayensi e-UKZN, uSolwazi Hassan Kaya ubebambe iqhaza engxoxweni ebihlelwe yi-SA FM noMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Nezamasiko ngaphambi koSuku Lwamalungelo Abantu.
Lengxoxo ibigxile ekuxhumaneni kokwelapha ngemithi yesiNtu namalungelo abantu nasekugubheni umlando kaMama Charlotte Maxeke, isishoshovu esasilwa nombuso wamakoloni nobandlululo, odume ngelika “Mama Wenkululeko Yabantu Abamnyama ENingizimu Afrika”.
Ezinye izinto okukhulunywe ngazo wukuxhumana kwezokwelapha kwesiNtu nokwaseNtshonalanga, ukuthi inkolo iqedwe ubukoloni nobandlululo oluhambisana “nokwelapha kwemvelo”.
UKaya ugcizelele ukuthi ukwelapha kwesiNtu kufanele kuphose esivivaneni solwazi lomhlaba, wathi izangoma nezinyanga azidingi ukuvunywa ngezokwelapha zaseNtshonalanga ngoba ‘zaba khona kusukela endulo’.
Uthe ubukoloni nokucwasa ngokwamasiko kwenze ukuthi ‘izilimi zomdabu zigcine ngokuba yindlela yokuxhumana kuphela, zangazi ukuthi ziyinqolobane enothile yolwazi lwendabuko.’
Phakathi kwezinye izikhulumi bekukhona uMengameli we-Icamagu Spirituality uDkt Nokuzola Mndende, ungoti wesiko lwesiXhosa uMnu Mlawu Tyatyeka noMfundisi Omkhulu eMnyangweni WezeFamasi eSefako Makgatho Health Sciences University uDkt Nontobeko Mncwangi.
Umsakazi weSA FM uNks Phemelo Motene ubephethe uhlelo lwengxoxo eseSteve Biko Centre eQonce (eyayikade yaziwa nge-King William’s Town) eMpumalanga Kapa.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe