
Uthando Lokuqinisekisa Ukuthi Kunokudla Luthele Izithelo
Click here for English version
Umfundi weziqu zobudokotela uMarylyn Christian uthi akuthanda kakhulu ngokucwaninga ngokuzalanisa izitshalo ukuthi amaphrojekthi akhe anenhloso futhi angasetshenziswa embonini.
UChristian, njengamanje uqedela izifundo zakhe zobudokotela ngokuzalanisa izitshalo ngaphansi kwe-African Centre for Crop Improvement ekhempasini yase-Pietermaritzburg e-UKZN, ucwaninga ngokusebenza kahle kwe-silicon ekuphuculeni izinga lokuthi ukolweni ukwazi ukumelana nesomiso.
‘Imiphumela yethu iphucula izinga lemikhiqizo yokudla nokuqinisekisa ukuthi kunokudla. Ucwaningo lwethu lunenjongo ethile kanti lokho kuyenelisa,’ kusho uChristian.
Eminye imisebenzi yocwaningo umnyango wakhe oyenzayo ukuzalanisa izitshalo ukuze zimelane nezinambuzane, izifo nokuguquguquka kwesimo sezulu.
Ucwaningo lwakhe lugxile ekuzalaneni kwezitshalo ngezikhathi zesomiso. ‘Uma kunesomiso izinga likakolweni alibi lihle,’ kusho uChristian. ‘Inhloso yethu wukuphucula, ngokuzalanisa izitshalo, izinga likakolweni endaweni enesomiso. Ngaleyondlela izwe ngeke lithembele ekudleni okuthengwa phesheya, esikhundleni salokho kuzokwanda ukudla esikudayisa phesheya.
‘Umsebenzi wethu uhlose ukwelekelela umnotho wezwe. Ukuzalanisa izitshalo kuyisisekelo sezolimo ngoba sisebenza ngembewu ezotshalwa ngabalimi nokwenza imithombo enomsoco ukuze abantu bezodla ukudla okunempilo.’
Lona ngumsebenzi onzima kodwa uChristian uyayithanda into ayenzayo. Ubonge ‘Ozakwabo abamangalisayo, abacwaningi nothisha. Kunzima ukungayithandi into oyenzayo uma unothisha abanentshisekelo nabacwaningi abagqqugquzelanayo ukwenza umsebenzi omuhle,’ kusho uChristian, ebonga ikakhulukazi uthisha wakhe wezokuzalanisa izitshalo uDkt Julia Sibiya.
‘UDkt Sibiya ungumuntu wesifazane okhaliphile nesibani kubo bonke abafundi bakhe. Uyisibonelo sempumelelo engazuzwa ngabantu besifazane kwezesayensi. ’
UNks Christian uthe kuningi abantu besifazane abangakwenza kwezolimo njengoba abantu besifazane benegalelo elimqoka kwezocwaningo. ‘Kweminye imiphakathi lapho kupheka kakhulu abantu besifazane sixoxisana nabo ukuzwa izidingo zomsoco zemindeni nemiphakathi yabo. Ngaleyondlela sithola ukuthi abantu badingani nokuthi yini abayidinga ekudleni abakudlayo.
‘Sidinga abantu besifazane abaningi kwisayensi futhi kudingeka kube nokulingana ngokobulili kulemboni nakuhulumeni.’
• Loludaba luqale lwashicilelwa kwi-Maritzburg Sun.
Amagama: nguJade le Roux
Isithombe: Sithunyelwe