
Umkhakha Wezobuhlengikazi e-UKZN Usuphinde Waqokwa Njengesikhungo Sokusebenzisana Ne-WHO
Click here for English version
Umkhakha wezobuhlengikazi usuphinde waqokwa waba yi-World Health Organisation Collaborating Centre (i-WHOCC) for Nursing and Midwifery e-Africa.
Ingenye yeZikhungo ezine e-Afrika eziphasiswe yi-WHO,’ kusho Umholi WeziFundo kwezobuhlengikazi nonguMqondisi we-UKZN WHOCC for Nursing and Midwifery uSolwazi Ntombi Mtshali.
Ukuqokwa, kweminyaka emine ezayo, kuyophela ngoZibandlela wangonyaka wezi-2024. Lomkhakha waqala ukuqokwa waba yi-WHOCC ngowe-1988 kanti yabuye wakhethwa kaninginingi, okokugcina kwakungoZibandlela ngowezi-2018.
Umkhakha ukhethwe yi-WHO ukuthi ube yingxenye yabalingani abazokwenza umsebenzi wokulekelela izinhlelo ze-WHO emazingeni ezwe lonke, esifunda nomhlaba.
USolwazi Mtshali uthe: ‘Njenge-WHOCC silindeleke ukuthi silandele uhlelo osekuvunyelwene ngalo ngesikhathi esihleliwe ngokwezinga eliphezulu. Uhlelo lomsebenzi lunezigaba ezintathu oku: (1) ukwenza ucwaningo, ukubhala izindlela ezisezingeni zokusebenza nokudlulisela ulwazi kwezemfundo yobuhlengikazi neyokubelethisa e-Afrika; (2) ukuqeqesha ezikhungweni ezifundisa ubuhlengikazi nokubelethisa e-Afrika (3) nokuthuthukisa amakhono emiphakathini nabasebenzi bezempilo ukuxazulula izinkinga ngempilo yezengqondo, ezomama nezabantwana kanjalo nezimo eziphuthumayo nezifo eziphuthumayo njengeCOVID-19,’ kusho yena.
IPhini LeSekelashansela neNhloko yeKolishi uSolwazi Busi Ncama lizwakalise ukujabula kweKolishi ngokuphinde liqokelwe ukuba yisikhungo se-WHO, lagcizelela ubumqoka bokufeza umbono nenjongo yeNyuvesi ngemisebenzi njengaleyo ye-WHOCC. ‘Halala,’ kusho yena.
USolwazi Mtshali uthe ‘ukuhlale siqokwa iminyaka engaphezu kwengama-20 yinto enkulu’.
Amagama nesithombe: nguNombuso Dlamini