
Ithimba Lase-UKZN Libhale Incwadi Yezingane ngeCOVID-19
Click here for English version
Umfundisi Wezifundo Zezenhlalakahle uDkt uMaud Mthembu waSesikoleni se- Applied Human Sciences uhole ithimba elibhale incwadi yezingane yeSiZulu ngeCOVID-19 esihloko sithi: Uhambo lwami ngesikhathi sekhovithi - My journey during COVID-19.
Lencwadi isebenzisa imifanekiso nolimi olulula ukuxoxa indaba kaNsimu, ingane eneminyaka eli-10 umndeni wayo owathintwa yiCOVID-19 nomphumela waleligciwane emndeni wayo. Lendaba ixoxa indaba ngeso likaNsimu kanti ibhalelwe izingane ezineminyaka esukela kweyisithupha kuya phezulu.
‘Uma kubhalwa izincwadi zezingane, imqoka indawo lapho izinto zenzeka khona kanti lencwadi ixoxa indaba ngeso lengane yasemakhaya,’ kusho uDkt uMthembu. ‘Zonke izingane ziyayithakasela lendaba futhi ziyawuqonda umphumela weCOVID-19 empilweni yazo. Nakuba isibalo sezingane ezibulawe yiCOVID-19 sisincane uma kuqhathaniswa nabantu abadala kodwa eziningi zishonelwe ngabazibhekayo nabazali bazo abathathwe yileligciwane.’
Ukholwa ngukuthi lencwadi ilungele ukuqala ingxoxo ethinta iCOVID-19 nezingane nokuzisiza ukuthi zikwazi ukuxoxa ngezinto ezizithintayo nangemizwa yazo ngezinto ezithinta igciwane isebenzisa ulimi oluhambisana nezingane.
UDkt uMthembu usebenzisane neLulisandla Kumntwana, inhlangano engenzi nzuzo yaseMseleni, ukusabalalisa izincwadi ezingama-400 ezinganeni ezithintwe yiCOVID-19. Ithakaselwe yizingane nothisha.
‘Sibonga i-German Academic Exchange Service (i-DAAD) ne-Fachhochschule University ngosizo lwezimali esilutholile ngenkathi sibhala incwadi,’ kusho uDkt uMthembu.
Amagama: nguMelissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe