
Umfundi Wezomnotho Wezolimo Uqophe Umlando
Click here for English version
UDkt Lerato Phali uthakasela ukuqeda iziqu zobudokotela KwezoMnotho Wezolimo abe ngudokotela omncane kunabo bonke kulesi sifundo e-UKZN, waba ngudokotela wesibili oMnyama waseNingizimu Afrika wezifundo zobudokotela KwezoMnotho Wezolimo eNyuvesi.
‘Ngiziqhenya kakhulu ngokuba ngumfundi wezobudokotela omncane kunabo bonke nokuphela komfundi oMnyama waseNingiziu Afrika ongudokotela wezifundo ZezoMnotho WezoLimo eNyuvesi,’ kusho uPhali. ‘Kufakazela ukuthi sidinga ukuthi kwande isibalo sabantu bakithi kwezemfundo kanti ngizimisele ukusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka lokho.’
Ucwaningo lukaPhali, obelugxile kwezomnotho nezokuphatha, beluxhaswe yi-Water Research Commission (i-WRC) kanti beluthinta ukubheka ukudidiyela kwezinto esikhungweni, ukusetshenziswa kwamanzi nendlela okwenzeka ngayo ezinhlelweni zokunisela KwaZulu-Natali.
Ucwaningo lwakhe, abelulekwa kulona nguSolwazi Maxwell Mudhara noSolwazi Stuart Ferrer, beluhlose ukwandisa ulwazi ngendlela esebenzayo, enekusasa nelingene yokusebenzisa ingqalasizinda yamanzi lapho kunokuguquguquka kwesimo sezulu nokushoda kwamanzi.
‘Lolucwaningo luyindlela edidiyele imikhakha ehlukene yokubhekana nezinselelo zemiphakathi yasezindaweni zasemakhaya, yabhekisisa ukuthi inqubo ingashintshwa kanjani ukubhekana nazo,’ kusho uPhali. ‘Lokhu kubalulekile ngoba umthetho nenqubo kwaseNingizimu Afrika kuthathwa njengokuhle uma kuqathaniswa nokwamanye amazwe asathuthuka kodwa akuhambi kahle endleleni yokwenza izinto.’
UPhali, obegxile ekutheni ikuphi indaba ekwenzeni izinto, kusukela ezingeni lenqubo ezinselelweni zomsebenzi, ubehlose ukuphosa esivivaneni sokuxazulula izinkinga ekusebenzeni kwenqubo nokwenza ukuthi abalimi basemakhaya bafinyelele kangcono kwingqalasizinda yamanzi okunisela isivuno sabo.
UPhali, osengumfundisi nomcwaningi kwezomnotho wezolimo e-University of Pretoria, uthi kulesisifundo wathathwa yizinga laso lokuba ngezesayensi yezokuphatha, lapho kunezinto ezisebenza emikhakheni ehlukene emazweni asathuthuka.
‘Akuzona “ezolimo” nje kodwa wukwazi ukuthi singazuzani kwezo“limo” zethu ukuphucula isinkwa sethu,’ kusho yena.
Ngenkathi esafunda, uPhali wakhethwa kwi-Young Agricultural Professionals Program Fellow, waba ngomunye wababili baseNingizimu Afrika abaqokwa kuloluhlelo oluhlanganise uhambo locwaningo oluya eMelika, lapho avakashela e-Cornell University, i-World Bank, i-International Food Policy Research Institute ne-Economic Research Services yoMnyango Wezolimo waseMelika.
Useke wethula ucwaningo lwakhe ezingqungqutheleni zomhlaba jikelele, wabamba iqhaza kwi-research fellowship at the University of Foggia yonyaka eNtaliyane.
‘Into emqoka kakhulu ngezifundo zami kwaba wukusebenza nemiphakathi yasezindaweni zasemakhaya nokubona izinto ukuthi impilo ingaphuculwa kanjani ngokuqondaniswa kahle nenqubo nendlela yokwenza izinto,’ kusho uPhali. ‘Usemningi umsebenzi osihlalele kanti ngimagange ukuba iqhaza kuwona.’
UPhali ufisa ukuqhubeka nokubamba iqhaza kwezemfundo nokuphosa esivivaneni ekwelulekeni ngokwenza olunye ucwaningo.
Ubonge oSolwazi Mudhara no-Ferrer ngokumcathulisa ezifundweni, i-WRC ngokuxhasa ucwaningo lwakhe ne-University of Foggia Agricultural and Food Economics Group ngethuba lokufunda khona.
Amagama: wu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe