
I-UKZN Ibihlele iWebhina Ngokuhlumeza Ngokobulili Nokubulawa Kwabesifazane
Click here for English version
UPhiko LwezokuXhumana ngokubambisana ne-National Prosecuting Authority (i-NPA) bebehlele iwebhina ebizwa ngokuthi Stop Gender-Based Violence and Femicide, equbule izinkulumo ngokudlanga kokuhlukumeza ngokobulili eNingizimu Afrika nasemhlabeni.
Enkulumweni yakhe yokwemukela abantu, Umqondisi Obambile woPhiko LwezokuXhumana uNks Hazel Langa wethule izibalo ze-World Health Organization (i-WHO) eziveza ukuthi umuntu wesifazane oyedwa kwabathathu emhlabeni bake bahlukunyezwe empilweni. Ubuyekeze izibalo zobugebengu ezimenyezelwe nguNgqongqoshe WamaPhoyisa uMnu Bheki Cele, eziveza phakathi kukaNtulikazi noNcwaba wangonyaka wama-2021 amacala ocansi enyuke ngama-4.7%, awokudlwengula enyuka ngama-7.1% kwathi ngaleyo nkathi kwabikwa amacala okudlwengula evile ezi-9 500.
ULanga ubalule ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme azisali kulesisihlava sokuhlukumeza ngokobulili nokubulawa kwabantu besifazane, wabalula ukuzinikela kwe-UKZN ukubhekana nalenselelo ngohlelo i-GBVF Strategy, wanxusa abasebenzi nezitshudeni ukuthi zifunde kabanzi ngalo kwi-Intranet.
Umdidiyeli womcimbi u-Advocate Dawn Coleman-Malinga uchaze ukuthi uPhiko Lwamacala Ocansi neZindaba Zomphakathi i-Sexual Offences and Community Affairs (iSOCA) lwe-NPA lubazisa kangakanani ubudlelwano balo ne-UKZN, wathi loluchungechunge lwamawebhina luhlose ukufundisa ngokuhlukumeza ngokobulili nokuphucula ukuphepha ebantwini base-UKZN.
U-Coleman-Malinga uphawule ngesidingo sewebhina, eqondane ne-16 Days of Activism against Gender-Based Violence, umcimbi ogujwa minyaka yonke phakathi komhla wama-25 kuLwezi nomhla we-10 kuZibandlela. Ubalule ukuthi iwebhina igxile kanjani ezintweni ezithinta umthetho zokufaka isicelo sokuvikelwa, iqhaza labantu besifazane namantombazane ekulweni nokuhlukumeza ngokobulili ne-National Strategic Plan on GBV.
Inhloko Ebambile ye-SOCA yoPhiko LwaseNtshonalanga Kapa uNks Lizelle Africa, ihlaziye umthetho i-Domestic Violence Act, yachaza indluzulu eyenzeka ekhaya ‘njengezenzo ezivamile zokulawula ngenkani futhi kungaba wukuhlukumeza ngokomzimba, ngokwengqondo, ngamagama, ngokocansi nangokomnotho’. Uphawule ngokuthi Umthetho uyabathinta nabantu abashade ngokomthetho, ngokwesiko noma ngokwenkolo; abazali bengane, abantu bomndeni; abantu ababethembisene umshado, ababethandana, ababeya ocansini nabahlala noma abake bahlala ndawonye.
Ebheka ukuthi ngobani abangafaka isicelo sokuvikelwa, u-Africa ubalule umgilwa/ummangali; ingane yomgilwa; izingane ezincane noma muphi umuntu omele ingane nabantu ababheke inhlalonhle yabagilwa. Ubalule ukuthi indlela yokufaka isicelo sokuvikelwa, wachaza ukuthi kungani kudingekile ukuya eHhovisi LeMantshi, ugcwalise ifomu ngolimi oluthandayo bese uthumela izitatimende ezifungelwe ulekelelwa nguMabhalane Wenkantolo. Ubalule nokuthi ikhona incwadi yesivimbelo yesikhashana kwabayidinga ngokushesha ngenkathi isicelo sabo sisabhekwa yiMantshi.
Uma incwadi yesivikelo iphulwa, u-Africa unxuse umuntu ohlukunyezwayo ukuthi aye emaphoyiseni aseduze, akhiphe ikhophi yencwadi yesivikelo bese enza isitatimende esifungelwe ngokwenzekile. Uchaze ukuthi lokho kungaholela ekutheni isephulamthetho singaboshwa, sishushiswe kanjani ngokwephula umthetho bese sethweswa icala.
U-JL Dube Chair in Rural Education uSolwazi Relebohile Moletsane ubheke iqhaza lamantombazaen nabantu besifazane emazingeni aphansi ekulweni nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane. Ethinta indaba yokuxhumana phakathi kobubha, ukuhlukumeza ngokobulili nesandulela-ngculazi, ubalule ukuthi abantu besifazane abaphakathi kweminyaka engama-15 kuya kuma-24 banamandla amancane kanjani emphakathini nokuthi yibona ababhekana nobunzima bokuhlukunyezwa ngabantu abathandana nabo nokutheleleka ngegciwane lengculazi. Ubalule ukuthi abantu besilisa nabesifazane abake bahlukunyezwa bavama ukuziphatha ngendlela ebhebhethekisa isandulela-ngculazi, wabalula nezibalo eziphezulu zokukhulelwa kwamantombazane amancane aphakathi kweminyaka eli-15 nengama-24 eNingizimu Afrika, wathi asukwe egilwe ngokudlwengulwa.
UMoletsane uphawule wathi ubhubhane i-COVID-19 luhlehlisele emuva umsebenzi osuwenziwe emizamweni yokulingana ngokobulili nama-Sustainable Development Goals ali-17. Uthe imikhankaso eholwa ngamantombazane idinga ukuxhaswa ngabantu abadala ngenxa yokungalingani kwamandla okukhoma emphakathini nasezikhungweni, wanxusa umphakathi ukuthi ucije futhi uphakamise abantu besifazane namantombazane kunokubhebhezela umqondo wokuthi bantekenteke.
Umfundisi eSikoleni se-Social Sciences uDkt Lubna Nadvi ubuyekeze i-National Strategic Plan (i-NSP) on GBVF ngokubheka imikhankaso kahulumeni neyezinhlangano zomphakathi. Ubheke iminyango kahulumeni ebhekene nezindaba zobulili okubalwa kuyona i-Commission for Gender Equality, imithetho enjenge-Domestic Violence Act namaThuthuzela Care Centres.
U-Nadvi ukhulume ngamamashi ‘avala izwe thaqa’ ngoNcwaba wama-2018, lapho abantu besifazane babhikishela izinga eliphezulu lokuhlukunyezwa ngokobulili ezweni. Lokhu kwaholela ekutheni ithimba labantu besifazane lihlangane noMengameli, kwasungulwa i-Presidential Summit on GBVF yokuqala ngoLwezi wangalowo nyaka. Lengqungquthela yaphela ngokusayinwa kwesibopho sayo yonke imikhakha lapho eyavumelana ngokusebenzisana ukuqeda ukuhlukumeza ngokobulili nokusebenza kwe-NSP on GBVF.
U-Nadvi ubalule umbiko wonyaka we-NSP okhombise impumelelo njengokwethulwa kwe-Men for Change yoMnyango WezokuVikela kodwa wabuza ukuthi kungani izinga lokuhlukumeza ngokobulili lingehli ezweni, ukuthi ngabe imikhankaso kahulumeni yenele ukubhekana nokuhlukumeza okukhona emphakathini, ukuthi ubhubhane i-COVID-19 iwuphazamise kangakanani lomkhankaso nokuthi yini umphakathi okufanele uyenze ukulwa nalesisihlava ezweni lonke.
Amagama: wuHlengiwe Khwela
Izithombe: Zithunyelwe