
Ungoti WeKhwantamu Uqokwe Kwi-International Commission for Optics
Click here for English version
UDkt Yaseera Ismail, umfundisi omkhulu e-School of Chemistry and Physics noyilungu le-Centre for Quantum Technology umenywe ukuthi azoba yiPhini LikaMengameli we-International Commission for Optics (i-ICO) iminyaka emithathu, emele inhlangano yasemhlabeni jikelele i-Optica.
I-ICO yasungulwa ngaphezu kweminyaka engamashumi ayisikhombisa edlule ukuthuthukisa nokusabalalisa ulwazi emikhakheni ye-optics ne-photonics. Njengenye yezinhlangano eziyisikhombisa ezingamalungu emhlabeni wonke, i-Optica ikhetha ilungu eliyimela kwi-ICO. U-Ismail uphakanyiswe yisikhulu esiphezulu se-Optica kanti ungumuntu wokuqala waseNingizimu Afrika ukuba yiPhini likaMengameli we-Optica.
I-Optica, kudala eyayibizwa ngokuthi yi-Optical Society of America, iyinhlangano esimeme yasemhlabeni jikelele enamalungu angamanyuvesi evile kuma-300 negabe ngamalungu evile kuzi-30 000 negabe ngendawo yayo yokushicilela nenebhuku layo lamaphepha ocwaningo i- Optica elisezingeni lokuqala.
‘Igama le-Optica liyazikhulumela kanti ngithakasile ukuthi ngiyimele kwi-ICO,’ kusho u-Ismail.
U-Ismail waba yilungu le-Optica kusukela ngonyaka wama-2008 ngenkathi eseyisitshudeni semasitazi esisebenza e-Council for Scientific and Industrial Research kanti useke wenza izinto eziningi kusukela ekubeni yilungu eliyisitshudeni kuya ekubeni yilungu eligcwele, okubalwa kukhona ukuba yiNxusa le-Optica (kwaba nguyena yedwa waseNingizimu Afrika owakhethwa), wabambisana nabanye ukuba ngumsunguli wohlelo lokucija abanye nelungu lesigungu saseThekwini sezitshudeni, walekelela ukuqhakambisa umkhankaso i-Ambassador drive for scholarship support for Black scientists and engineers we-Optica, waba yilungu lesigungu esiphezulu se-Non-Linear Optics Technical Group nosihlalo welinye lamakomiti lemiklomelo le-Optica.
U-Ismail uzomela i-Optica emihlanganweni ye-ICO, avotele iziphakamiso ezifanele, ahlele imicimbi, asabalalise ulwazi nge-ICO, aphinde alekelele ngokuthuthukisa umbono wekhomishini. Lomsebenzi uzokwandisa ukusebenzisana phakathi kuka-Ismail nososayensi bakwamanye amazwe, wandise amathuba okufinyelela olwazini nasemathubeni kososayensi baseNingizimu Afrika, wenze lomkhakha waziwe.
U-Ismail umagange ukuqhakambisa iqhaza le-UKZN kwi-optics ne-photonics nokusebenza kwi-ICO angagcini ngokuthuthukisa i-optics ne-photonics kodwa agxile ekukusabalaliseni emazweni asathuthuka emazweni angama-53 abizwa ngama-Territorial Committee Members.
Emsebenzini we-ICO kukhona ukuxhasa izingqungquthela nezinhlelo zokuhamba kwabafundisi, ukuthuthukisa ubuchwepheshe be-optics nobe-photonics obuletha intuthuko ukubhekana nezinselelo ezikulezizifunda, ukukhuthaza nokweseka ososayensi abancane ukufeza izinjongo zabo zocwaningo, ukulungisa indaba yokungalingani ngokobulili, nokukhuthaza ukwenza izinto ezintsha ngezinhlelo ezimqoka njengezemiklomelo.
Nakuba iNingizimu Afrika ingakabi khona kuma-Territorial Committee Members angu-53 e-ICO, kodwa ososayensi bayo ezweni basemkhankasweni wokwenza ukuthi nakuba abantu be-optics ne-photonics besebancane kodwa basimame futhi bahlonishwe emhlabeni ngeqhaza labo ebuchwephesheni bekhwanthamu.
U-Ismail usanda kunikwa izinga Y1 enikwa yi-National Research Foundation, waphasa ngamalengiso i-cum laude imasitazi ngonyaka wama-2011, wethweswa iziqu zobodokotela ezigxile kwi-Quantum Communication zase-UKZN ngowama-2015. Uyilungu lesigungu se-BRICS esibambisene ukuthuthukisa i-Quantum Satellite and Fibre Communication network eNingizimu Afrika, uqokelwe kwi-Future Professors Programme yoMnyango WezeMfundo Ephakeme, wahlabana nge-TechWomen Emerging Leader Award yase-US Department of State kanti uyilungu leBhodi Yabahleli bebhuku locwaningo i-Scientific Reports.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe