
Isiguli Sokuqala Esinofuba Siqede Ukwelashwa Ngohlelo Olusha
Click here for English version
Isiguli sokuqala socwaningo olusha lwe-Connect TB siqede ukwelashwa ngempumelelo nangesikhathi ebesinqunyiwe ekupheleni kukaMfumfu.
Ucwaningo lwe-Connect TB ngolokubambisana phakathi kwe-Centre for Rural Health yase-UKZN, i-Human Sciences Research Council (iHSRC), Umnyango WezeMpilo waKwaZulu-Natali, iVula Mobile eholwa ngoDkt u-Jody Boffa noTsholofelo Mhlaba base-UKZN noDkt uSizulu Moyo wase-HSRC. Lolucwaningo lwenziwa eSifundeni saseThekwini kanti luxhaswe wuhlelo i- TB REACH lwe-Stop TB Partnership ne-Bill & Melinda Gates Foundation.
Lomkhankaso ngowokubambisana phakathi komkhakha wokwelapha ozimele nokahulumeni onakho konke okudingekayo ukuhlola isifo sofuba endimeni ezimele ngokukwazi ukuhlolwa mahhala kwi-National Health Laboratory Service (i-NHLS) yodokotela abazimele ngokusebenzisa ubuchwepheshe bukamakhalekhukwhini i-Vula Medical Referral.
Imenenja yomkhakhankaso uDkt Buyisile Chibi ithe, ‘Odokotela bacela ukuhlola ngeVula App bese abadidiyeli beqoqa amasampula emagumbini odokotela bese beyihambisa egumbini lokuhlola le-NHLS e-iNkosi Albert Luthuli Hospital ukuthi iyohlolwa.
‘Uma umuntu etholakala enesifo sofuba uthola imiphumela yokuhlolwa ngomyalezo ocingweni bese etholwa ukwesekwa ngokwelashwa ocingweni. Ukunamathela osizweni olukhona kwenza abantu basizakale ngokudla amaphilisi esifo sofuba, kusize iziguli zikwazi ukubhekana nezinselelo ezikhona njengamahloni, ukweswela izindawo zokusizakala nokushoda kokudla.’
Lomkhankaso waqala kusukela ngoMbasa wezi-2021 kanti uzophela ngoNdasa wezi-2022. Isiguli sokuqala kuloluhlelo satholakala sinesifo sofuba ngasekuqaleni kukaMbasa wezi-2021. Saqala ukwelashwa esibhedlela sikahulumeni ngemva kwezinsuku ezimbili zitholakele kanti manje siqede uhlelo ngesikhathi. UChibi lengqophamlando ikhombisa impumelelo Nobuhle bokubambisana komkhakha wokwelapha ozimele nokahulumeni ngokuhlola nokwelapha abantu abanesifo sofuba.
Zizolandela ezinye iziguli eziyishumi. Iziguli esezibhalisiwe kuze kube manje ziphakathi kweminyaka eli-17 nengama-65 kanti zihlala eThekwini. Kuzona kukhona izingane ezifunda isikole, izitshudeni zasezikhungweni zemfundo ephakeme, abasebenzayo nabangasebenzi nabahola impesheni.
Iziguli ezitholwa zinesifo sofuba zitholelwa usizo bese ziqala ukwelashwa ngemva kwezinsuku ezimbili zihloliwe. Okumqoka kakhulu, abadidiyeli bayazeseka ukuthi ziqonde umphumela wokuhlolwa kwazo bese bezihlelela ukuthi zithole usizo ngaphandle kokucwaswa okuvamile, bazikhuthaze ohambweni lwazo olunzima.
‘Okwamanje bangaphezu kwama-50 abantu abatholakale benesifo sofuba emagumbini odokotela abakulolucwaningo base behlelelwa ukuthi belashwe. Izinkomba ziveza ukuthi ngokwesekwa, ngokucaca kwezinto, ukuchushiswa nokukhuthazwa ngabadidiyeli ocingweni uhambo lokwelashwa isifo sofuba lubanezinto ezimnandi,’ kusho uChibi.
Izibalo ezintsha zikhombisa ukwenyuka kwesibalo sokufa kwabantu ngenxa yesifo sofuba ngonyaka wezi-2020, kuthi ucwaningo ngesifo sofuba ziveza ukudembesela ukwelashwa kanti kubona abangama-30% abanezimpawu zesifo sofuba baqale baye emkhakheni wodokotela abazimele. Lomkhankaso kulindeleke ukuthi ube neqhaza elikhulu ekuhloleni nasekwelapheni iziguli ezinesifo sofuba.
Amagama: NguNombuso Dlamini
Izithombe: Zithunyelwe