
I-UKZN ibambe i-AGM ye-13 Yenhlangano Yababengabafundi (Convocation)
Click here for English version
UMengameli oshiyayo we-Convocation yase-UKZN uMnu Fanle Sibisi ugcizelele ukubaluleka kokunikela eNyuvesi ngenkathi ekhuluma Emhlanganweni Wonyaka We-Convocation ye-13, ebisezinkundleni zokuxhumana ngobuchwephehse besimanje.
USibisi, obenguMengameli iminyaka eyisishiyagalolunye, unxuse abafundi bakudala ukuthi babhekane nezinselelo zomphakathi ‘bangavele bathembele kuhulumeni.’ Ubalule ubumqoka ‘bokuthola izisombululo ezinkingeni zethu.’
USibisi ubuye wakhuluma ngezinselelo abhekane nazo ngesikhathi sakhe sokuba sesikhundleni, okukhona nobhubhane i-COVID-19. Ukhuthaze abaholi abangabafundi ukuba basebenzisane nabaphathi beNyuvesi. ‘Asithole izindlela zokuvikela iNyuvesi yethu,’ kusho yena, wagxeka ‘ukucekela impahla ngendlela engakaze ibonakale,’ ngezikhathi zemibhikisho.
Ubalule ukuthi i-Convocation iqoqe isigidi samarandi isihlanganisela iBavelile Bursary Fund, ukuhlonipha umufi owayeyilungu lesigungu se-Convocation Executive nowayeyiPhini likaNgqongqoshe uBavelile Hlongwane.
USibisi ubonge amalungu Esigungu Se-Convocation Executive asebenze ngesikhathi sakhe, wahalalisela Isigungu esisha, wagcizelela ukuthi abafundi bakudala bangamanxusa eSikhungo. ‘Kudingeka sibe ngabantu bethemba kukhona konke esikwenzayo.’
UMgcinimafa weSigungu uNks Nqobile Gumede ubonge amalungu eSigungu aphumayo. ‘Beniyithimba elinamandla,’ kusho yena. Ubalule izindleko zeSigungu, wananela amagama kaSibisi wahalalisela abangenayo.
IPhini LeSekelashansela noMphathi uSolwazi Nana Poku ubonge ithimba leSigungu eliholwa nguSibisi ‘ngobuqhawe’, wabongela ubuholi be-Convocation abasha. ‘Izindlela nomlando esikushintshayo zikhombisa igalelo lethu kuze kube manje, kepha ikakhulu ukwenza ngcono umphakathi ngemfundo,’ kusho uPoku.
UDkt Kathlyn Cleland umemezele laba abangezansi abakhethelwe ukuba ngamalungu abazoba khona iminyaka emine ngoDkt Qiniso Mlita onguMengameli we-Convocation noSihlalo weSigungu, uMnu Thabani W Mkhize noMnu Mandlenkosi Patrick Kumalo abangamalungu e-Convocation eMkhandlwini namalungu e-Convex, namalungu ayisithupha e-Convocation oMnu Siphile Buthelezi, uNks Godslove Zama Zindela, uMnu Sandile Terrance Ngcobo, uMnu Siphesihle Xulu, uNks Oyena Ngcobo noMnu Mpumelelo Phungula.
‘UDkt Mlita ubeseSigungwini eyiSekela Mengameli le-Convocation, ngakho uzohola kahle “ngokuqonda isikhungo” ukuqinisekisa ukuthi izinto ziyaqhubeka,’ kusho yena.
UMlita ubonge bonke abavotile, wathi umagange ukubona isithangami sokucobelelana ngolwazi esisazoba khona noMengameli ophumayo.
UDkt Cleland ubonge Isigungu esiphumayo, wancoma abasebenzi base-Alumni Office noPhiko LwezokuXhumana nethimba le-ICS nelasehhovisi lakhe ngokuqinisekisa ukuthi ukhetho luhamba kahle futhi kuba nomhlangano wonyaka oyimpumelelo.
Amagama: Ngu-Raylene Captain Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe