
Umfundi weZemfundo Uhlonishwe Ngobulungu Be-Golden Key
Click here for English version
Umfundi owenza iMastazi kweZemfundo uMnu Luthando Molefe uhlonishwe ngomklomelo we-Golden Key International Honour Society (i-GKIHS) nobulungu balenhlangano ezintweni eziyinsika ezintathu kulenhlangano okungezemfundo, ubuholi nokusebenza ngomsebenzi esiwenze eminyakeni eyisithupha edlule.
UMolefe ungomunye wabantu abasha base-UKZN ukuthola lomklomelo nobulungu.
‘Lomklomelo omkhulu nobulungu kwe-GKIHS ngikwemukela ngokubonga okukhulu,’ kusho yena. ‘Wumklomelo wamahora amaningi okuzikhandla nokuzinikela ngezinto engizenze ezinsikeni ezintathu eminyakeni edlule nokubambisana nabanye.’
I-GKIHS yinhlangano engenzi nzuzo eyaziwa emhlabeni jikelele ekhona emanyuvesi evile kuma-400 e-Australia, e-Canada, e-India, e-Malaysia, e-New Zealand, eNingizimu Afrika, e-Bahamas naseMelika. Injongo ye-Society wukwelekelela amalungu ayo ukuthi ahlanganise ukusebenza kwawo namathuba ayingqayizivele empilweni.
UMqondisi we-UKZN Pietermaritzburg Campus and Community Outreach uNks Nosipho Mkhize uhalalisele uMolefe, wathi: ‘Halala kuLuthando ngazo zonke izinto ezinkulu azizuzile nangamakhono akhe okuba ngumholi kwezemfundo nasemphakathini. Sengathi lokhu kungamvulela amanye amathuba.’
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe