
Umfundi WezobuDokotela Unconywe Ngabahloli
Click here for English version
Umfundi wezobudokotela kwezemfundo e-UKZN uMnu Gamal A. Shehata unconywe ngabahloli ngeqhaza lakhe elihlukile ekuhlolweni ngolimi lwesiNgisi kwezemfundo emhlabeni.
Ucwaningo luka-Shehata lubheke i-UKZN njengenyuvesi yomhlaba efinyelela kuwona womane amagumbi omhlaba ngeqhaza layo elinomphumela omkhulu ezikhungwini zemfundo zakwamanye amazwe, ababhala inqubomgomo nothisha emhlabeni jikelele.
U-Shehata, oyiNhloko yoPhiko lweSilabhasi nokuHlola e-English Language Center e-Taibah University e-Medina, e-Saudi Arabia, uthe: “Ngijabule futhi ngithakasile ngakunconywa njengoba kuyiphupho lami elidala ukuthola iziqu zobuDokotela emkhakheni obalulekile emazingeni womabili emfundo nomsebenzi. Ngifisa ukungena kwezemfundo njengomuntu oyohlale engumfundi, ngibe neqhaza kulo mkhakha ngokushicilela ucwaningo kanjalo nokucebisa abanye othisha ezindaweni zabo,’ kusho yena.
Ucwaningo lwakhe belugxile ekubhekeni ubuhlobo phakathi kokuhlolwa nezivivinyo olimini lwesiNgisi ne-Common European Framework of Reference (i-CEFR) enyuvesi yase-Saudi Arabia, okuyindima ethandwayo emazingeni ezwe nelomhlaba. ‘Ihlobene futhi nomsebenzi engiwenzayo kumanje e-Taibah University. Bengifisa ukucwaninga ngalendima ukuze kuhlomule isikhungo engisebenza kusona futhi ngiphose esivivaneni ezicwadini zocwaningo ezikhona kule ndima ebalulekile,’ kwengeza yena.
U-Shehata uneMastazi kwezeMfundo Kwezokufundisa NgobuChwepheshe Besimanje zase-University of Hull, i-Bachelor of Arts in Teaching English as a Foreign Language (i-TEFL) yase-Mansoura University eGibhithe nesitifiketi se-Teaching English to Speakers of Other Languages (i-TESOL) sase-Saint Michael’s College e-Vermont eMelika.
Uqeqeshelwe ukuqeqesha othisha kanti wake waba ngumhloli we-IELTS.
U-Shehata, onamava eminyaka eyevile kwengama-30 ekufundiseni ulimi lwesiNgisi, unamagalelo abonakalayo ezintweni ezithinta i-TESOL. Ezintweni athanda ukuzicwaninga kukhona ukwenza isilabhasi, ukubheka izinhlelo zolimi lwesiNgisi, ukuhlola ulimi nokufundisa ulimi ngobucwepheshe besimanje.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe