
Udokotela Wesikhumba Ohlonishwayo Emhlabeni Esicongweni Somsebenzi Wakhe
Click here for English version
IDini neNhloko yeSikole Sezokwelapha uSolwazi Ncoza Dlova usedlondlobele kwezemfundo wakhushulelwa ekubeni ngusolwazi ophelele. UDlova ungomunye wosolwazi abaphelele babaNtu eNingizimu Afrika abangama-14%. Ungusolwazi wokuqala wesifazane ongumuNtu emlandweni weminyaka engama-71 weSikole sezobuDokotela.
UDkt Wakithi Mabaso, indodana kaDlova ithe izwa ngokukhushulwa kukanina yathi, ‘Akekho umuntu wesifazane engimaziyo onjengomama wami. Uyivulandlela kwezemfundo, ungumholi onozwelo, unesineke sokulalela, ungumuntu oshintsha izinto lapho ekhona, uyisibani esithobekile nomuntu oqala izinto ahambisane nesimo. Ngiswele amagama okubonga ukuthi ngihlale ngifunda esibonelweni sakhe esingafani nesamuntu!’
Umlingani kaDlova uSolwazi u-Anisa Mosam uphawule wathi: ‘USolwazi Dlova ungomunye wosolwazi abathathu abaphelele besikhumba nowokuqala KwaZulu-Natal. Ungomunye wosolwazi abaphelele abahlanu babaNtu e-UKZN.
‘Uphendla indlela emsebenzini wakhe kanti uyagqugquzela, akhuthaze, avulele abanye abantu iminyango. I-UKZN nomkhakha wezesikhumba waseNingizimu Afrika ukubeke esicongweni kanti ungungoti wesikhumba ohlonishwa emhlabeni wonke. USolwazi Dlova uyaqhubeka nokugudluza izithiyo ngokufinyelela esicongweni, adalele abanye amathuba ngaphakathi nangaphandle komkhakha wezesikhumba nase-Afrika yonkana. Ukukhushulwa kwakhe kumqoka ngoba kuyasikhuthaza kanti kufakazela ukubaluleka kokuphokophela nokubekezela ukuzuza izinto ezinkulu. Ungumholi omangalisayo esikhundleni akusona sokuba yiDini yesifazane yomuNtu yokuqala eSikoleni Sezokwelapha enemiklomelo eminingi.’
UDlova wazalelwa esigodini esincane iMtyolo, ngase-King Williams Town eMpumalanga Kapa. Wethweswa iziqu zobudokotela i-MBChB yiSikole sobuDokotela saseNyuvesi yaseNatali ngonyaka wama-1989. Ngemva kokuthwasa ngowezi-1990 e-Livingstone Hospital eBhayi, wathuthela eThekwini ukuzogxila ekwelapheni isikhumba, waba nguMcwaningi wase-College of Dermatologists of South Africa ngonyaka wama-1998. Waba ngudokotela wokuqala wesikhumba ongumuNtu e-UKZN nowesibili wesifazane womuNtu ezweni.
Useke waba yiNhloko eBambile yoMnyango WezeSikhumba iminyaka emithathu, waklonyeliswa nguNgqongqoshe WezeMpilo waKwaZulu-Natal ngokusungula isikhungo i-Centre of Excellence and Leadership. Wathola iziqu zobudokotela kwezeSikhumba e-UKZN ngowezi-2015, wathatha izintambo ngokugcwele zokuba yiNhloko YezeSikhumba. Ngonyaka wezi-2017 i-American Dermatology Association (i-ADA), yaklomelisa uDlova ngegalelo lakhe nokuzinikela kwezemfundo e-Africa, ngokumqoka ukuthi abe yilungu lalososeshini ohlonishwayo.
UDlova waba yiNhlolo Yokuqala yomuNtu e-School of Clinical Medicine ngonyaka wama-2018, waba yiDini Yesikole Sezobudokotela. Ngonyaka wezi-2019, waba neqhaza elimqoka kwisayensi ngenkathi yena nabanye abacwaningi bethola umnyombo we-Central Centrifugal Cicatricial Alopecia (i-CCCA), engenye yezinkinga zesikhumba ezivamile zesikhumba kubantu besifazane babaNtu. Wahlonishwa ezweni lonke nasemhlabeni wonke ngalolu cwaningo olunohlonze, wathola i-Annual Research Excellence Award yoMnyango wezeMpilo waKwaZulu-Natal, umklomelo we-Leadership Excellence ye-South African Health Excellence Awards, waphuma isibili kwi-Global Excellence Award; i-Mail and Guardian Recognition for Women Leaders in Health Science, i-Professional of the Year ye-Durban Chamber of Commerce; i-Presidential Research Excellence Award ye-Bio Africa ne-International Society of Dermatology Maria Duran Award for Excellence in Dermatology.
UDlova ubhale amaphepha ocwaningo namaphepha ocwaningo abuyekezwe ngabalingani bakhe evile kuma-85 emkhakheni wezesikhumba, ungumbhali wezincwadi ezimbili ngesikhumba nombhali ohlanganyele nabanye ukubhala izincwadi zokufundisa ngesikhumba.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe