
Umfundi WaseSikoleni SezamaBhizinisi Uthole Umklomelo Ohlonishwayo Wokucijwa
Click here for English version
Umfundi waseSikoleni Sezifindo NgezamaBhizinisi NobuHoli (e-GSB&L) uNks Simangele Mkhize uklonyeliswe ngomklomelo omkhulu yi-Standard Bank kwi-Top Women Virtual Conference.
Lengqungquthela ebizwa nge-Brave Conversations 2.0 that Uplift and Drive Change, ibihlanganise abaholi abanohlonze emhlabeni nongoti ukuthi bakhuthaze, belekelele, bahlangane futhi beseke osomabhizinisi besifazane base-Afrika nasemhlabeni jikelele.
‘Kuzona zonke izethameli, ngithole umklomelo. Namanje angikakholwa! Yithuba eliyingqayizivele elizongisiza ukuthi ngidlondlobale emsebenzini nangekusasa lami,’ kusho uMkhize.
Umklomelo wenani lama-R22 500 usho ukuthi uMkhize uzokwazi ukuhamba izithangami zokucijwa ngokusimama emsebenzini, ukuhlangana nabaholi abanohlonze, ukwakha igama emsebenzini, ukubona amakhono akhe nokuthuthuka emsebenzini. Lokhu ngeke kuhlomulise uMkhize emsebenzini wakhe kwezemfundo ephakeme kuphela kepha futhi nasezifundweni zakhe.
‘Ngaya emcimbini i-Women Who Lead eyayihlelwe yiKolishi Lezifundo Zomthetho neZokuphatha okwakhukhona abantu besifazane abanohlonze kuzona, ngakhuthazeka ngaphambi kokuya esithangamini esisenkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje,’ kusho yena.
‘Nginevuso elikhulu ngokuhlonyiswa kwabantu besifazane nokulingana ngobulili futhi nginethemba lokwenza ushintsho kulezozindawo, ngikhuthaze abantu besifazane ukuthi bazuze noma yini abayifisayo. Ngiphokophele ukuphakamisa igama le-UKZN lifinyelele phezulu.’
Amagama: wuThandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe