
Abafundi Be-Opthomethri Bagubhe Usuku Lokubona Emhlabeni
Click here for English version
Abafundi be-opthomethri abenza unyaka wesithathu e-UKZN bagubhe Usuku Lokubona Emhlabeni ngokwelapha osomatekisi ngokubambisana nePhumlani Dube Foundation, i-Active Citizens Movement ne-VW Durban.
Abafundi abangama-32 behamba nomdidiyeli wabo nomfundisi wase-UKZN uNkk Zamadonda Xulu-Kasaba bafundise umphakathi nosomatekisi ngobumpumputhe obungagwemeka nokukhubazeka emehlweni.
Bahlole amehlo osomatekisi abangama-300 bebafundisa ngezempilo zamehlo nobumqoka bazo.
‘Ngaphezu kwalokhu, ithimba longoti lixilonge amehlo osomatekisi ukuze bakwazi ukuvuselela izincwadi zokushayela, lanika izitifiketi labo abebezidinga. Kukhishwe izibuko zokufunda kwabazidingayo, kwabhalelwa izincwadi zokuhlinza amehlo abazidingayo’ kusho uXulu-Kasaba.
Osomatekisi babonge abafundi, bathi bayawuthakasela lo mkhankaso njengoba abaningi besekufanele bavuselele izincwadi zokushayela.
Abanye bajabulele ulwazi abalutholile, izibuko nezincwadi zokuyobona odokotela bamehlo. Umfundi owenza unyaka wesithathu uMnu Jevon Moodley uthe: ‘Kuhle kakhulu lokhu,’ sikhuluma ngobumnandi esibuzwile ngenkathi sixilonga amehlo abantu nokuba wusizo.
Abafundi ababili oNks Nokwethemba Mpondombi noNks u-Anovuyo Mapoli bathe azikaze baxinwe wumsebenzi kangaka kodwa bathi bakuthakasele.
UXulu-Kasaba ubonge abafundi oMnu Siyabonga Khumalo noNks Luqmaan Khan ngosizo lwabo.
‘U-James Keller wake wathi “ikhandlela alicishi ngokukhanyisa amanye”. Impela ukubona abafundi bami benevuso lokusebenza kufakazela lokho,’ kusho uXulu-Kasaba.
Amagama: wuNombuso Dlamini
Izithombe: Zithunyelwe