
Inyanga Yokufundisa Ngokushushumbiswa Kwabantu
Click here for English version
Abashushumbisi bavame ukudoba abantu ngezithembiso zamanga zomsebenzi. Nazi izimpawu ezidinga ukugadwa ngobugebengu:
Uphawu #1 – Ukwethembisa izinto ezinkulu: Kuye kuthiwe akudingeki mava kodwa inkokhelo inkulu kepha umsebenzi ozokwenziwa awucaci. Ngisho umsebenzi womuntu oqala ukusebenza udinga amava athile noma amakhono athile, ngakho uma uthenjiswa umsebenzi, qhathanisa umholo neminye imisebenzi efana nawo ezinkundleni zokuxhumana.
Uphawu #2 – Akubuzwa mbuzo noma mincane imininingwane ekhishwayo: Izinkampani eziqondile zivame ukufuna ukubheka amava akho noma i-CV. Uma isicelo somsebenzi singathumeleki ngobuchwepheshe bokuxhumana besimanje noma lingekho ikheli lwencwadi kagesi okuthunyelwa kuyona noma okuthiwa basebenza khona becasuka uma ubuza imibuzo ngalezozinto, qaphela. Uma kuthiwa woza kwinhlolokhono ngemva kokuthumela umyalezo omfishane onjengokuthi ‘Ngiyathanda ukuzosebenza’, kukhona okushaya amanzi ngoba akuyona indlela izinkampani ezenza ngayo. Akukwazi ukuthi kungamenywa bonke abantu abathi bayathanda ukusebenza kanjalo.
Uphawu #3 – Inhlolokhono isendaweni esolisayo: Bheka ku-Google Maps ngaphambi kokuya kwinhlolokhono ukuqinisekisa ukuthi yindawo ephephile. Yonke inhlolokhono kufanele ibe semahhovisi enkampani noma endaweni yomphakathi esobala.
Uphawu #4 – Akunasivumelwano noma isivumelwano sixakile: Uma ngemva kokufunda isivumelwano ungaqondi kahle ukuthi yini oyisayinayo, ungalokothi usayine. Uma kuthiwa akunasivumelwano noma ingaphathwa indaba yesivumelwano, buza ukuthi kungani! Yonke imisebenzi idinga isivumelwano.
Uphawu #5 – Kuphathwa indaba yemali kweminye imisebenzi: Qaphela uma kudingeka ukhokhe imali ethile noma kuthiwa uzokhokhelwa izindleko ezithile okuyobuye kudingeke ukuthi uzikhokhe.
Uphawu #6 – Igama, umlando nokunye ngenkampani kuyindida: Yenza ucwaningo. Bheka ku-Google. Bheka iwebhusayithi, ku-LinkedIn, uyibheke ku-Twitter, ku-Facebook njll.
Uphawu #7 – Igazi liyakutshela ukuthi kukhona okushaya amanzi: Lalela imizwa yakho. Uma kukhona okusolisayo, cishe kukhona.
Ngeminye imininingwane noma ukubika icala, thinta u-10111 / 0800 222 777 noma ungene ku:
• www.0800222777.org.za
Amagama: yiNdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe