
Ingqophamlando Ngobusuku Bokuvula I-25th Poetry Africa Festival
Click here for English version
I-Centre for Creative Arts (i-CCA) eseKolishi le-Humanities, ngokubambisana ne-National Institute for Humanities and Social Sciences (i-NIHSS), i-French Institute of South Africa no-Total, benze i-25th Poetry Africa International Festival ngobuchwepheshe bokuxhumana besimanje.
Ifestiveli ibiqale yaqoshwa ePhansi Museum eThekwini yase iba semakhasini ezinkundla zokuxhumana efestiveli.
Indikimba yanonyaka yefestiveli ibithi Unmute: Power to the Poet.
Umdidiyeli we-Poetry Africa uNks uSiphindile Hlongwa wemukele ababukeli abevile kuma-800 ngalolusuku, wathi: ‘Ubhubhane i-COVID-19 ibingawavala amashashalazi, izindawo zokukhangisa ngobuciko, izindawo zomculo kodwa ayizithulisanga izimbongi. Yizinkondlo ezisihlanganisile ngaleminyaka yobumnyama emibili. Ifestiveli yanonyaka ibungaza amandla embongi. Amaphimbo ezimbongi aqhubekile nokuzwakala.’
Livula ifestiveli Iphini LeSekelashansela neNhloko yeKolishi lezesiNtu uSolwazi Nhlanhla Mkhize lithe, ‘Indikimba yalefestiveli imqoka ngoba ithinta indaba yamandla obuciko nezinkondlo ekulweni nengcindezelo nokungabikho kobulungiswa, okuholela enkululekweni yabantu. Izimbongi azigcine nje ngokuba wumtapo wolwazi ophilayo kepha futhi ziyizingcithabuchopho ezimele iqiniso ezingesabi ukulibeka njengoba linjalo emehlweni eziphathimandla.’
IDini neNhloko yeSikole seZobuciko uSolwazi Nobuhle Hlongwa wengeze ngokuthi: ‘Siyaziqhenya ngesikhumbuzo sama-25 e-Poetry Africa kanti sibonga i-NIHSS ngokuxhasa ucwaningo olumqoka lwe-CCA kusukela emabhukwni ashicilelwe nasenhlelweni zomphakathi. Abasebenzi bethu abasebancane basemikhakheni yezilimi zomdabu nezifundo zokulingisa nezeshashalazi bayingxenye yefestiveli.’
Ekhuluma nge-Slam Jam, i-School Competition, ne-Open Mic Competition kwanonyaka , Umqondisi we-CCA uDkt u-Ismail Mahomed uthe: ‘Sithakasile ngendlela intsha nangeqhaza lomphakathi ohlelweni lwethu. Sijabule ngokunika intsha ishashalazi lokushiyelana inkundla nezimbongi eziyizinkakha. Sethemba ukuthi ukuhlangana kwemiqondo, izigqi namaphimbo kuzoba yisisekelo sokubumba isizwe esingcono.’
Inxusa lase-France eNingizimu Afrika, uMnu Aurélien Lechevallier, ugcizele impumelelo yeminyaka engama-25 ye-Poetry Africa, wabalula ukuthi ‘izinkondlo azigcini nje ngokuxoxa indawo kepha zivula inkundla yengxoxo.’
Imbongi, umbhali wemidlalo yeshashalazi nomdidiyeli waseNingizimu Afrika uNks Siphokazi Jonas nguyena obeyimbongi eqavile kule festiveli kwathi enye imbongi uDkt Stella Nyanzi, ongungoti wemvelaphi yezempilo ogxile ekucwaningeni ngamalungelo ezobulili nezokubeletha e-Uganda naseGambia, nguyena obeyisikhulumi esiqavile.
Enkulumweni yakhe ethi Unmuting Democracy, uNyanzi uthe ‘kunika amandla ukukhuluma emphakathini ngokuvula umlomo. Iminyaka eminingi ezweni lakithi i-Uganda, bengithwele kanzima ukuvula umlomo wami wobumbongi.’
UNyanzi waboshwa ngowezi-2017 ngokuthuka umengameli wase-Uganda, okwaholela ekutheni amiswe eMakerere University. Wafaka isicelo sokuphikisa leso sinqumo esigungwini samacala senyuvesi, esathi akabuyiselwe emsebenzini bese ekhushulelwa esikhundleni sokuba wumcwaningi ngokushesha, akhokhelwe umholo wonke owawukade ubanjiwe ngenkathi emisiwe.
IMakerere University yenqaba ukulandela umyalelo wesigungu esibuyekeza amacala. UNyazi wamangalela inyuvesi efuna imbuyisele emsebenzini bese imkhokhela nomholo wakhe. NgoZibandlela wangowezi-2018, inyuvesi yamxosha nezinye izifundiswa ezingama-45, yathi isivumelwano sakhe somsebenzi sasesiphelelwe yisikhathi.
Wathi: ‘Ukuze intando yeningi ichume emazweni ehlukene nasemiphakathini yase-Afrika kudingeka ukuthi abantu bobuciko, ababhali, amaciko nabalingisi banikwe inkululeko yokukhuluma. Izimbongi kufanele zivulwe umlomo, kuphakanyiswe amaphimbo ethu. Kumqoka ukuvulwa umlomo ukuze kuchume intando yeningi. Ukuvula umlomo wentando yeningi nembala kunika izimbongi amandla!’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe