
I-Odiyoloji Igubhe Isonto Lezithulu
Click here for English version
Abafundi base-UKZN abenza unyaka wokugcina kwi-Odiyoloji bebenomkhankaso wokufundisa ngabangakwazi ukukhuluma e-Palmiet Primary School eThekwini ukugubha Isonto Lokufundisa Ngabangakhulumi.
Inhloso yeSonto Lokufundisa Ngabangakhulumi ukugqugquzela abantu ukuthi bazi ngabangakwazi ukukhuluma, ukubalula imisebenzi emihle yabantu abangakhulumi nezinselelo ababhekana nazo. Yenzelwe ukufundisa umphakathi ngokungezwa nokukhuluma ngezandla.
Inhloso yalomkhankaso, obizwa ngokuthi Find Your Sign, wukufundisa othisha ngokungakhulumi.
Kuwona kuchazwe ukungezwa, umehluko phakathi kokuba yisithulu nenkinga yokuzwa; izimbangela, izinhlobo nezimpawu zokungezwa, umphumela wakho ekukwazini ukuxhumana kwengane, ukufunda, ukuphilisana nabanye abantu emphakathini noma ukuziphatha; ukuthi umuntu wenzenjani uma esola ukuthi ingane iqala ukungezwa; izindlela zokufunda nezimo zengane enenkinga yokuzwa nokuthi iphathwa kanjani ingane enjalo egunjini lokufunda.
Abafundi bahlele isethulo se-PowerPoint, bakhipha amapheshana okwazisa.
Othisha bawuthakasele lomcimbi, bathi bafunde okuningi.
Kuze kube manje abafundi baqoqe imali engamaR6 000 yokuthenga izinsiza zokuzwa.
UNks uNolwazi Mthembu ongumfundi uthe ekuqaleni kwakuhlelwe ukuthi lomcimbi ubesenkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje ngenxa ye-COVID-19 kodwa izinto zishintshile ekugcineni. Egameni lethimba labafundi ubonge i-UKZN, Isikole Sesayensi YezeMpilo nabaphathi be-Odiyoloji nabanye abafundi ngokuqinisekisa ukuthi lomcimbi ube yimpumelelo.
Amagama: wuNombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe