
Umfundi WeMastazi Ubambe Iqhaza Emqhudelwaneni Wokuxazulula Izinkinga Zomhlaba
Click here for English version
Umfundi owenza iMastazi kwezoBunjiniyela Bamakhemikhali uMnu Ethan Hammond usanda kubamba iqhaza kwi-IBM Quantum Challenge Africa 2021 lapho khona ngosizo lolimi lwe-Python programming, yena nabanye ababambe iqhaza abangu-464 besebenzise umtapo wolwazi we-Qiskit ukuxazulula izinkinga zomhlaba emikhakheni we-optimisation, owezimali nowekhemistri.
I-Qiskit wuhlelo olulungisa amakhompiyutha ekhwanthamu e-IBM. I-IBM Research Lab eNingizimu Afrika nase-University of the Witwatersrand enze uhlelo lwekhwanthamu lwamakhompiyutha lwabafundi base-Afrika, abacwaningi nabezimboni.
Lenselelo yamasonto amabili nohhafu yenziwa ngabacwaningi ukwandisa umphakathi osebenzisa ikhwanthamu nokuthuthukisa amakhono ayo. Izinselelo zine-Monte Carlo algorithm ukuqagela amanani nemifuziselo yemithi yokulapha isandulela-ngculazi.
U-Hammond uthole ukuthi izinselelo bezicatshangisisiwe, zenziwa ngendlela okugqugquzela ukufunda nokwethula amakhodi amasha okuxazulula izinkinga ezintsha.
‘Umsebenzi wokusebenzisa uhlelo lomfuziselo wokwelapha isandulela-ngculazi yilona obelumnandi kakhulu kimina njengoba kade ngangifuna ukwenza into enjena,’ kusho u-Hammond.
‘Ukukwazi ukulandela ikhodi engayibhala kwikhompiyutha yekhwanthamu kube ngukufezeka kwephupho.’
Ulwazi u-Hammond aluthole kulomqhudelwano lwandise uthando lakhe emakhonweni akhe ngokubamba iqhaza emincintiswaneni yakhe.
Njengoba u-Hammond enza ucwaningo kwezoBunjiniyela bamaKhemikhali uyi-programmer yamakhompiyutha. Ngemva kokusheshe azi nge-programming esesesikoleni, waqala ukugxila kukho ukuziphilisa ngokufundisa abanye abantu eNyuvesi. Ufunda izilimi ezintsha ze-programming uma kunesidingo esivelayo, wathi lendlela imsizile ukuthi aphumelele emsebenzini wakhe wasenyuvesi.
U-Hammond uthi ubunjiniyela buyindlela engcono yokwenza izinto kanti i-programming yenza impilo ibe lulauma kwenziwa imifuziselo.
‘Uma ukwazi ukwenza izibalo ezinzima nge-programming, kusho ukuthi awunqindeki kwi-optimisation ngoba ukulungisa umonakalo owenzeka kwi-programming ephucuzekile,’ kusho yena.
Ukuthakasela ukuthola izixazululo ezintsha kwenza u-Hammond ukuthi afundele ubunjiniyela athi bunezindlela eziningi zokuxazulula izinkinga. Wachazwa wukufunda e-UKZN ngenxa yezifundo zakhona kanti u-Hammond uthi ukushuba kwezifundo kwenze ukuthi ashintshe indlela aphila ngayo kanti ukuzikhandla kumkhulisile.
Ukuzinikela kuka-Hammond ezifundweni kwenze wathola imiklomelo eminingi ngonyaka wakhe wokufunda, ikakhulu emsebenzini we-chemical engineering design project.
Ucwaningo oluqhubekayo lukaSolwazi David Lokhat kwi-Reactor Technology Research Group luholele ekutheni u-Hammond enze izifundo naleliqoqo begxile ekusebenziseni i-magnetic field. Esebenzisa i-magnetic field, uhlose ukuphucula ukusebenza indlela izinkampani zamakhemikhali ezithola ngayo amalahle anogesi ngokusebenzisa i-Helmholtz coil.
‘Ukuphucula izinto nokubamba iqhaza endimeni yezobuchwepheshe kungijabulisile kwanginika ithuba lokuphucula amakhono ami,’ kusho yena.
U-Hammond uhlela ukuba ngunjiniyela ogcwele kanti uthanda ukuxazulula izinkinga zomhlaba ngendlela eyonga imvelo.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe