
Izifundiswa Zakwa-Humanities Zithole Imiklomelo YezeNhlalakahle
Click here for English version
Abafundisi beZenhlalakahle uDkt Thembelihle Makhanya noDkt Maud Mthembu bathole imiklomelo ye-Association of South African Social Work Education Institutions (i-ASASWEI).
UMakhanya uthole umklomelo wokulala isibili wokuba ngumfudisi wezenhlalakahle osafufusa ovelele kwathi uDkt Mthembu wathola umklomelo wokuba ngumcwaningi ovelele ngonyaka wezi-2021. Umcimbi wemiklomelo ubuse-Premier Hotel e-Richards Bay engqungqutheleni ye-ASASWEI yangowezi-2021.
Bekunxuswe Imikhakha yeZenhlalakahle eNingizimu Afrika ukuthi iqoke izifundiswa emikhakheni eyisithupha. Amaphepha ocwaningo, izinkulumo zezingqungquthela nomsebenzi womphakathi okubhekiwe ekuqokeni abanqobile.
‘Ukuqokwa yi-ASASWEI ngaba ngophume isibili emklomelweni i-Emerging Social Work Educator of the Year yangowezi-2021 kukhomba impumelelo emsebenzini wami. Lokhu akugcini ngokukhuthaza mina kuphela kepha futhi kukhuthaza nabafundi bethu nezifundiswa ezisafufusa,’ kusho uMakhanya.
‘Lomklomelo usho ukuthi izintanga zami ziyalibona igalelo lami ocwaningweni ekuqhamukeni nezindlela ezintsha eziphucula impilo yezingane, ikakhulu ekuvikeleni izingane nasekuzelulekeni. Lemiklomelo ingenye yezinto eziqhakambisa umsebenzi omuhle wonohlalakahle ukuphucula impilo yabantu ngocwaningo, ngomsebenzi wabo nangemfundo,’ kusho uMthembu.
‘Kufanele sisebenzise indawo yethu singabafundi bezenhlalakahle, ongoti, abacwaningi nabafundisi ukuletha ushintsho emiphakathini esisebenza kuyona ukusiza abantu abahlwempu.’
Ezintweni uMakhanya athanda ukuzicwaninga kukhona ukufundisa nokufunda ezikhungweni eziphezulu, ukuqeda ubukolini; imfundo yezenhlalakahe nokuba ngubaba. Useke wabhala amaphepha ocwaningi amaningi emabhukwini ocwaningo amaningi alapha nawaphesheya, wakhuluma ezingqungqutheleni zikazwelonke nezesifunda.
UMakhanya, owelekelela Umnyango Wokuhlumelisa Izimilo njengomdidiyeli we-Victim-Offender Mediation Dialogue ungumsunguli nosihlalo wenhlangano engenzi nzuzo Imbewu Youth Empowerment Centre, esiza intsha ngezinto ezithinta inhlalakahle eSifundeni Ugu.
Useke wathola imiklomelo ehlukene okukhona kuyona i-Working with the Disadvantaged Groups NIHSS Research Funding Award, wabalwa nezifundiswa ezivelele ezisafufusa ezili-13 e-UKZN ngowama-2021 nomklomelo wephepha elivelele locwaningo engqungqutheleni ye-NIHSS yangowezi-2019.
UMthembu, ungumcwaningi omkhulu wamaphepha ocwaningo ehlukene okubanjiswene kuwona, ushicilele incwadi yesiZulu kulonyaka nge-COVID-19 ethi Uhambo Lwami Ngesikhathi seKhovithi ehlose ukufundisa izingane ngobhubhane nokuzisiza zikhulume ngokuthi isifo sizithinte kanjani. Ngenxa yokuthandwa kwayo incwadi isihunyushelwe ezilimini eziyisithupha okukhona kuzona isiSuthu, isiXhosa nesiNgisi.
UMthembu useke waxhaswa yi-German Academic Exchange Service (i-DAAD) ukuthi enze ifilimu yopopayi esuselwa encwadini. Ezintweni azithandayo kukhona ukuvikelwa kwezingane, amalungelo ezingane nokwenza izinsiza zokweluleka ezizwana nezingane.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe