
Isifundiswa Sase-UKZN Siqokwe njengoMhleli Omkhulu We-World Journal of Diabetes
Click here for English version
USolwazi Shahidul Islam weSikole Sesayensi Yempilo eKolishi LeZolimo, EzobuNjiniyela neSayensi ubekwe waba nguMhleli Omkhulu we-World Journal of Diabetes (i-WJD) eshicilelwa yi-Baishideng Group eMelika.
I-WJD iyibhuku locwaningo lobuchwepheshe elisezingeni eliphezulu njengoba amaphepha ocwaningo alo eqhakambisa ucwaningo lwezifundiswa ezivelele nabacwaningi basemhlabeni jikelele.
Amaphepha ocwaningo akwi-WJD, ahlose ukuqhakambisa ucwaningo emkhakheni wesifo sikashukela, athinta izindaba nezihloko ezinjenge-Opinion Review, i-Minireview, i-Basic Study, i-Clinical Research, i-Systematic Review, i-Meta-analysis, i-Evidence-Based Medicine, i-Field of Vision, ama-Clinical Guideline nama-Case Report.
Ngokwe-International Diabetes Federation (i-IDF), cishe abantu abanguhhafu webhiliyoni emhlabeni baphethwe yisifo sikashukela kanti lesisibalo kulinganiswa ukuthi sisecela kwibhiliyoni ngonyaka wezi-2045. Nakuba uhhafu wabantu abanesifo sikashukela ungakabonakali ukuthi uphethwe yilesisifo, kodwa cishe isifo esisodwa kweziyisithupha emhlabeni singenxa yesifo sikashukela noma ukugula okuhambisana naso. Cishe uhhafu wabantu abanesifo sikashukela baphethwe yizifo zikashukela ezihlukene ezinjenge-diabetic neuropathy, i-nephropathy, i-retinopathy, i-cardiomyopathy nesifo sikashukela wezinyawo. I-Hyperglycemia ngenye yezindlela ezinkulu zokuhlola ushukela kanti i-hyperglycemia ingenza umuntu abe yimpumputhe, ukungasebenzi kwezinso nokunqunywa nokufa imbala.
U-Islam ungomunye wabacwaningi abavelele ohlotsheni lesibili lwesifo sikashukela kanti wabalwa nabacwaningi abavelele abali-15 (ngowezi-2019) e-UKZN. Ubekwe ezingeni C2 yi-National Research Foundation.
Indawo yocwaningo agxile kuyona wukuqhamuka nezindlela ezintsha nezihlukile zohlobo lwesibli lwesifo sikashukela ukwenza ucwaningo lokuhlola nokwelapha ukukhuluphala ngokudla okwelaphayo, izindlela ezihlukene zikashukela, imithi elaphayo ukwenza ukudla okusha okunomsoco nemithi elapha isifo sikashukela.
U-Islam, oseshicilele amaphepha ocwaningo evile kwali-160 emabhukwini ocwaningo asemhlabeni jikelele, uyisifundiswa esingumholi weqoqo leBhayothekhinoloji (iBhayokhemistri, eZofuzo neMayikhrobhayoloji) ophikweni oluse-Westville kanti wake waba nguSihlalo we-University Animal Research Ethics Committee (i-AREC). Waklonyeliswa nge-2015 College Distinguished Teacher Award ngokuba nguthisha ovelele.
U-Islam useke waba ngumhleli ovakashile we-Journal of Diabetes Research (eMelika) kanti kumanje ungumhleli ovakashile we-Frontiers in Chemistry (e-Switzerland); umhleli obuyekezayo we-Frontiers in Pharmacology and Drug Discovery (e-Switzerland) nelungu leBhodi YabaHleli ye-Journal of Biochemical and Pharmacological Research (eMelika).
U-Islam uthe: ‘Ukuqokwa kwami ngibe wuMhleli Omkhulu we-World Journal of Diabetes nakuba kwandisa umsebenzi wami kolunye uhlangothi kodwa lungivulela iminyango eminingi yokusebenzisana nongoti bezesifo sikashukela emhlabeni jikelele.’
Ephawula ngokubekwa kuka-Islam, uSolwazi Albert Modi, iPhini LeSekelashansela eKolishi Lezolimo, EzobuNjiniyela neSayensi, uthe: ‘I-World Journal of Diabetes ifakazele umsebenzi omuhle we-UKZN endimeni yekhemistri yezokwelapha ngokuqoka uSolwazi Shahidul Islam waba nguMhleli Omkhulu.’
IDini neNhloko yeSikole Sezesayensi Yempilo uSolwazi Ade Olaniran ithe: ‘Yisikhundla esihlonishwayo lesi kanti Isikole Sesayensi Yempilo siyaziqhenya ngokuhlonishwa kukaSolwazi Islam njengongoti ovelele ocwaningweni. Sineqholo lokuthi uzoba neqhaza elimqoka ekuphuculeni izinga lalelibhuku locwaningo elihlonishwa kakhulu.’
Amagama: ngu-Leena Rajpal
Isithombe: Sithunyelwe