Umfundi owenza izifundo zobudokotela kwezeMfundo uNks Jennifer Sheokarah nencwadi yakhe entsha ethi The Intruder.Umfundi WezeMfundo Wethule Inoveli Ephakamisa Amaphaphu
Click here for English version
Umfundi owenza izifundo zobudokotela kwezeMfundo uNks Jennifer Sheokarah wethule incwadi yakhe entsha ethi The Intruder, okuyincwadi egqugquzelwe yisikhathi sobhubhane i-COVID-19.
‘Ngangivaleleke endlini ngesikhathi somvalelwandlini wokuqala ngonyaka odlule kanti kwangelapha ukubhala. Ngangifisa ukubhala ngobhubhane ngendlela abantu ababezoyiqonda, ngase ngilwenza samuntu; ngathi yi-Intruder kwinoveli,’ kusho yena. ‘Kulula ukubhekana nomuntu kunokubhekana nobhubhane. Luyabalulwa ngezindlela ezihlukene ubhubhane, lube yisifengqo, encwadini yonke. Kepha incwadi isuselwe ekhanda.’
Inoveli ixoxa ngomuntu wesifazane osemncane u-Jen ozithola ethandana nesoka elingudokotela u-Wren, ozithola ekhathele lokhu okuxakile ngenxa yokubizwa ngapha nangapha ukuthi azobhekana nokugadla kwe-Intruder, umgulukudeli. Izinga lokufa kwabantu linyuka kangangokuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika ugcina usufake izwe ngaphansi kwesimo esibucayi nomvalelwandlini. Ekhuthazwa yintshisekelo yokuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile, u-Jen uqala ukufokisa ukuze abambe lendoda ezifihlile. Akekho ophephile kule-Intruder.
Lencwadi yaqala iyiziqeshana uNks Sheokarah ayezithumele kwi-Creative Network Magazine yase-UKZN. Imibono yabafundi nokulangaza kwabo kwaholela ekutheni le ndaba igcine yenziwe inoveli.
‘I-The Intruder ixoxa ngokuthi umlingiswa oqavile ubhekana kanjani nempilo ngenkathi indoda ezifihle ngesigqoko ihamba izingela, idunga izinhlelo zakhe, imenza azibuze imibuzo. Wenza uphenyo lwakhe ukubona ukuthi ngubani le i-Intruder bese kuthi abangani bayo abadala beyiveza. Ukubhala lenovei kungenze ngazi ukuthi ukubhala yinto engibalekela kuyona. Ngikholwa wukuthi udinga indawo ethile ongaya kuyona uma ungasakwazi ukuhamba’ kusho uNks Sheokarah.
Le ncwadi itholakala ku-Amazon naku-Kindle. Uhla lwezitolo elizoyidayisa luzotholakala maduzane. Izincwadi ezisayiniwe zitholakala kumbhali ku: jennifer_sheokarah@yahoo.com.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



