UMnu Bethuel Tshoane.Umfundi Wakudala Ulale Isibili kwi-Unisa National Strings Competition
Click here for English version
Umfundi wakudala wase-UKZN uMnu Bethuel Tshoane (wesiginci) uphume isibili emqhudelwaneni i-3rd Unisa National Strings Competition egabisa ngethalente namava abaculi abasebancane baseNingizimu Afrika bomculo wezimfijoli ne-jazz.
Lomqhudelwano, obuse-Z K Matthews Great Hall ePitoli, ubunemikhakha emibili, we-classic (i-violin/cello) nowe-jazz (isiginci/esebhesi). UTshoane ugoduke nezi-R50 000.
‘Ayikholakali indaba yokuwina. Ukuqhudelana nabanye abaculi kukodwa kuyinto enkulu. Lokhu kungikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nokuzithuthukisa emsebenzini wami. Umqhudelwano angiwungenelanga ukwandisa ulwazi lwami kepha futhi ukugabisa ngekhono lami lomculo,' kusho yena.
UTshoane uqhudelana nabanye emizuliswaneni emine kusukela kowezingoma ze-jazz nezingoma abaziqambele zona. ‘Ngizivivinyile, ngaphokophela ukwenza kangcono kuyo yonke imizuliswano. Imiqhudelwano enjena imqoka kubona bonke abaculi abasafufusa ngoba babona zonke izinhlangothi zomculo nemboni yomculo yonke,’ kwengeza yena.
Iseluleko sakhe kubaculi abasafufusa sithi ‘wukugqugquzela abanye abaculi ukuthi bazikhandle ngomsebenzi wabo, bahlale benethemba kukhona konke abakwenzayo.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



