USolwazi Irene Govender.Isifundo Sokuqala Sibheka Ubumqoka Bokucabangisa Okwekhompiyutha Esikhathini Sanamuhla
Click here for English version
Ukucabangisa okwekhompiyutha njengokhono lesikhathi samanje bekuyisihloko seNkulumo yesifundiswa seSikole SezokuPhatha, EzobuChwepheshe noKulawula uSolwazi Irene Govender ethi: Life in the Digital Era: Enhancing Computational Thinking.
Izifundo zokuqala ziyingxenye yochungechunge lweZifundo zoMphakathi zase-UKZN kanti ingethulwa ngosolwazi abasanda kuba ngosolwazi ngokugcwele. Leligxathu empilweni yesifundiswa yithuba lokukhangisa ngomsebenzi oyingqophamlando wokucwaninga nokufundisa.
Ucwaningo luka-Govender lubheka ukuthi abafundi bawafunda kanjani amakhompiyutha ukuphucula indlela yokufunda kulomkhakha nokuphucula amakhono okuxazulula izinkinga nokuhlaziya.
‘Eminyakeni eyishumi noma eli-15 umuntu wayengeke acabange ukuthi ukucabangisa okwekhompiyutha kuyobe sekusabalele kangaka. Lendlela iyasimama kuyona yonke imikhakha ngakho ithinta abafundi nezindawo zomsebenzi bese ngaleyondlela ithinta nemfundo nohlelo lwemfundo,’ kuchaza u-Govender.
Isifundo sakhe sichaze ukuthi yini ukucabangisa okwekhompiyutha, ubumqoka nesidingo sokuhlela nobuchwepheshe obusamuntu nokuthi ukucabangisa okwekhompiyutha kungathuthukiswa kanjani.
U-Govender uthe izinkampani eziningi ezaziwayo njengo-Microsoft, u-Facebook nomkhakha wezobuchwepheshe jikelele ziyasisekela isiphakamiso sokuthi bonke abafundi kufanele bafunde okuthile nge-programming noma i-coding.
‘Njengoba ucwaningo lusimama, nezindlela zokuxazulula izinkinga ezisetshenziswa ngamakhompiyutha ziyathuthuka. Lokhu kwenza ukuthi kuthuthuke imfundo. Njengoba kudingeka ukuthi abafundi besikole bazi ngokuthi izitshalo zilisebenzisa kanjani ilanga ukuze zihlale ziluhlaza nokuthi ukudla kugayeka kanjani esiswini, wonke umfundi wesikhathi samanje kufanele athole ithuba lokufunda ngendlela amakhompiyutha axazulula izinkinga ngayo, ukuthi ama-app enziwa kanjani nokuthi i-inthanethi isebenza kanjani. Okwamanje, kuncane okulindelwe yizikole zethu ngokuthi abafundi babenolwazi oluncane lwalezizinto ekubeni ziphethe izinto eziningi empilweni yethu,’ kuphawula u-Govender.
Wengeze ngokuthi kulomnotho womhlaba wanamuhla, ubuchwepheshe buyinsika emsebenzini, ngakho ukuxazulula izinkinga ezingavamile kuyikhono elimqoka emhlabeni oshintshashintshayo. Abafundi banamuhla bazophila impilo encike kwezobuchwepheshe kanti abaningi bazosebenza ezindaweni ezithintwa wubuchwepheshe.
U-Govender ubonge abalingani bakhe emkhakheni weZolwazi, eZezindlela neZobuchwepheshe abangoSolwazi McArthur, uSolwazi Mutula, umndeni wakhe, umyeni wakhe uSolwazi Desmond Govender, amadodana akhe amabili u-Stanton noJoash, umakoti wakwakhe u-Sherece nomzukulu wakhe u-Ariella.
IPhini LeSekelashansela eliyiBamba eKolishi leZifundo Zomthetho neZokuPhatha uSolwazi Brian McArthur uthe umhlaba esiphila kuwona udinga ukuzihlomisa ngamakhono amasha, ukuziqeqesha kabusha nezindlela ezintsha zokucabanga ikakhulu endimeni yezobuchwepheshe wase ehalalisela uSolwazi Govender ngeqhaza lakhe kulendima.
Isifundo sokuqala esiphelele esiqoshiwe sitholakala lapha: https://www.youtube.com/watch?v=1M58zsX1IBc.
Amagama: nguThandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe



