
Isikole Sezomthetho Siqoqe Izi-R18 million Zokuxhasa Ucwaningo
Click here for English version
Umsebenzi wezocwaningo lomthetho omusha, oholwa nguSolwazi Donrich Thaldar waseSikoleni Sezomthetho, ugixatshezwe ngosizo lwezimali eziyizi-R18 million yi-National Institute of Health (i-NHI) yaseMelika. I-NIH yisikhungo esixhasa ucwaningo kwezempilo esikhulu kunezinye emhlabeni neseseka ucwaningo oluneqhaza olwazini kwezempilo nakwezobudokotela emhlabeni.
Lomkhankaso uzogxila ezintweni zomthetho ngokusetshenziswa kwedatha yezesayensi ezintweni ezintsha zezempilo e-Afrika kanti uhlose ukucacisa kwezomthetho nokweluleka ngezinto ezimqoka kososayensi.
‘Umthetho uvame ukuba nezinto eziningi futhi udide kanti uke wehluke ngenxa yezindawo,’ kuphawula Thaldar. ‘Ukulekelela ucwaningo lwezempilo nezinto ezintsha kulona ezisebenzisa idatha yesayensi, kudingeka sihlinzeke ososayensi ngezinto ezicacile ngokomthetho njengokusetshenziswa kwemininingwane ngezinto zabantu, ukwabelana ngolwazi kwamazwe ehlukene nokusetshenziswa kolwazi ebuchwephesheni obulingisa abantu.’
Lomsebenzi uzokwenza izincomo ngokusebenzisana kwemithetho yezindawo ezihlukene ngeso elingenabukoloni nelase-Afrika. Kuzoba khona amazwe ali-12 kanti uzoholwa yithimba lezifundiswa zomthetho elivelele lasezindaweni ezihlukene e-Afrika.
‘Inhloso yethu wukuhlomisa abantu abashaya umthetho e-Afrika yonke ukwenza umthetho uhambisane nezidingo nokulindelwe ngabantu base-Afrika,’ kusho u-Thaldar.
*Okuqukethwe kuloludaba kungenzeka kungabi ngumbono we-NIH.
Amagama: yiNdaba Online
Izithombe: Zithunyelwe