
Umfundi WeMasitazi Ohlelweni Lokushintshana NamaDashi
Click here for English version
Umfundi weMasitazi KweZobulili, NezeNkolo eSikoleni SezeNkolo, iFilosofi NamaGugu uNks uLindiwe Maseko siqokwe kwi-Bridging Gaps Programme yase-Free University e-Amsterdam, lapho sizohlala khona izinyanga ezintathu ohlelweni lokushintshana ngabafundi.
Loluhlelo lokushintshana oluhlelwa yi-Free University luhlanganisa abantu basemhlabeni wonke ukuthi baxhumane ngezikamoya ezingeni lomhlaba wonke. Kulonyaka loluhlelo luzoba nezethameli ezili-14 zasemazweni ahlukene okukhona kuwona iNingizimu Afrika, iPakistani, i-Romania, i-Indonesia, i-Democratic Republic of Congo, iZimbabwe, iNdiya, iNigeria, i-Ecuador, i-Canada, i-South Korea ne-Myanmar.
Loluhelo luhlose ukuxhumanisa abafundi bamasiko namazwe ahlukene e-Amsterdam nokuvala igebe phakathi kwamasiko, ulwazi oluhlukene, ezemfundo, umphakathi nesonto.
‘Ngijabule ngibonga Isikole SezeNkolo, Ifilosofi neZamagugu noMkhakha weZenkolo neZokholo ngokunginika ithuba elingaka lokufunda nokumela Isikole ohlelweni i-Bridging Gaps. Yingqayizivele kimina lena – izongenza ukuthi ngiphokophele futhi ngiphumelele ezifundweni zami,’ kusho uMaseko.
Loluhambo oluxhaswe ngokugcwele luzokwenza uNks uMaseko, odabuka eZimbabwe, ukuthi abe namava asemhlabeni jikelele, akwazi ukuthola izinsizakusebenza zokufunda nabalingani angaxoxa nabo njengoba eseqala umsebenzi wakhe weziqu zobudokotela eZifundweni Zobulili neZenkolo. Uhlela ukwenza iziqu zobudokotela e-UKZN ngokucwaninga ngesihloko esithi A Feminist Theological Engagement with the Experience of womb (Chibereko) removal of Karanga women as a Reproductive-Health and Justice Embodied Reality.
I-Bridging Gaps Programme ingesinye sezibonelo zobudlelwano bokubambisana obuqhubekayo phakathi kweSikole Sezenkolo, Ifilosofi nezamaGugu noMkhakha weNkolo neZokholo wase-Free University.
INhloko yoHlelo Lwezobulili neZenkolo e-UKZN uSolwazi u-Charlene van der Walt uthe: ‘Ukubambisana phakathi kweSikole seZenkolo, Ifilosofi nezamaGugu noMkhakha weZenkolo nezoKholo e-Free University uphapheme. Kuhle ukuthi abafundi base-UKZN babe nethuba lokuya phesheya ngaloluhlelo kanti uLindiwe simfisela okumhlophe ocwaningweni lwakhe nase-Netherlands.’
Umeluleki wakhe ngocwaningo uSolwazi u-Lillian Siwila wengeze ngokuthi: ‘Ngaqala ukuhlangana noLindiwe eTanzania, lapho esathi sisazincokolela wezwakalisa uthando lwakhe lokufunda e-UKZN. Kwaba yintokozo ukuphakamisa ukuthi uLindiwe azofunda e-UKZN ngenxa yokuzinikela nokuzikhandla kwakhe okwabonakala ngokwenzisisa kwakhe izinto engqungqutheleni. Njengomeluleki wakhe ocwaningweni leMasitazi kwakumnandi ukusebenza noLindiwe ngenxa yokuzinikela kwakhe empumelelweni. Ngimfisela ukuhlala kahle, ngikhulekela ukuthi aqhubeke nomoya wakhe wokusebenza kanzima njengenxusa elihle le-UKZN.’
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe