Amalungu ethimba ethula ividiyo yawo emcimbini wemiklomelo. Kusukela kwesobunxele nguDkt Brett van Niekerk, uDkt Trishana Ramluckan noNks Noelle van der Waag-Cowling.Ithimba lase-UKZN-Stellenbosch Linqobe Umncintiswano Wezokuphepha Kwi-inthanethi
Click here for English version
Ithimba elihlanganisa i-UKZN ne-Stellenbosch University (i-SUN) liphume phambili kwi-Global Cyber Challenge 2.0 in the Strategy and Policy track.
Lelithimba belihlanganisa uDkt Brett van Niekerk noDkt Trishana Ramluckan base-UKZN noNkk Noelle van Waag-Cowling nomfundi ewenza izifundo zeMastazi base-SUN. Ababambiqhaza basemazweni angama-55 baqhudelane emizileni emithathu yomqhudelwano.
Lelithimba belihlanganise imikhakha ehlukene, liholwa ngu-van Niekerk (uthisha osemnkantshubomvu weSayensi YezeKhompiyutha) futhi eletha ulwazi lobuchwepheshe. U-Ramluckan usanda kuqeda izifundo zocwaningo esiKoleni SezoMthetho, lapho ekade egxile khona kwi-International Humanitarian Law ethinta ukuphepha kweze-inthanethi. U-van der Waag-Cowling ungumcwaningo e-Security Institute for Governance and Leadership in Africa (e-SIGLA) e-SUN, lapho egxile kwezamaqhinga khona.
Kwakuqokwe amathimba ali-12 esigabeni sokuqala somqhudelwano esandulela owamanqamu ngosuku lokuqala, kwathi ngosuku lwesibili kwedlula abane bedlulela kowamanqamu. Amathimba anikwa inselelo yokuhlaselwa kwi-inthanethi, kwathi ithimba ngalinye lamela izwe elithile. Kwakufanele lethule iqhinga eliphelele lokuthi lingabhekana kanjani nenkinga ekhona ngokwezimo zobuchwepheshe, ezenqubo, ezenhlalo nezomotho. Ithimba lase-UKZN-SUN belimele ukuthi izwe laseJalimane belingenza njani.
Amakhono ezokuphepha kwi-inthanethi emhlabeni jikelele nasezweni asemqoka kuzona zonke izimboni. Emhlabeni wonke ezokuphepha kolwazi nokuphepha kwi-inthanethi kuthathwa njengekhono elinqabile lapho bebancane khona ongoti kulomkhakha kwezokuphepha emhlabeni. Ikakhulukazi kushoda amakhono ngasekubhekaneni nezinselelo ezinzima kwinqubo ethinta ukuhlaselwa kwi-inthanethi. Emhlabeni ezokuphepha kwi-inthanethi zivame ukuthathwa ngokuthi zihambisana nemikhakha yobuchwepheshe besayensi yezokhompiyutha kanti kuvama ukuthi kube ngongoti bezobuchwepheshe abavala igebe uma kuza ezintweni ezithinta inqubo. Kodwa ithimba lase-UKZN-SUN likhombise ukuthi ithimba elixube yonke imikhakha likwazi ukudla ubhedu uma liqhathwa namathimba anongoti bezenqubo noma bobuchwepheshe kuphela.
I-The Global Cyber Challenge ihlelwa yi-CyberPeace Foundation, inhlangano engenzi nzuzo ezinze eNdiya egxile ekusabalaliseni izinjongo ezinhlanu ze-United Nations ngokwezinto ezihambisana ne-inthanethi. Umsebenzi wayo omkhulu ugxile ekwaziseni, ezenqubo nokucija amakhono.
Amagama: ngu-Sally Frost
Isithombe: Sithunyelwe



