USolwazi Rozena Maart. Isifundiswa SezesiNtu Sinqobe i-Nicolás Cristóbal Guillén Batista Lifetime Achievement Award
Click here for English version
Isifundiswa saseKolishi lezesiNtu, uSolwazi Rozena Maart, sinqobe i-Nicolás Cristóbal Guillén Batista Lifetime Achievement Award yowezi-2021 ngeqhaza laso kwifilosofi, esiyinikwe yi-Caribbean Philosophical Association (i-CPA).
Lelikomiti, eliholwa nguMengameli we-CPA UDkt Hanétha Vété-Congolo, lithe: ‘USolwazi Maart uqokwe ngenxa yokunotha kwemibhalo yakhe ngokwefilosofi, okwepolitiki nokwezincwadi nangokweqhaza lakhe ekwakheni kwakhe izikhungo kwezemfundo, umhlaziyi wezesayikholoji nosonhlalakahle.’
U-Maart uhlale ebonga umsebenzi ka-Adam Small, okwathi esenza izifundo zokuqala e-University of the Western Cape (e-UWC), wambiza ukuthi azofunda naye ifilosofi kwezenhlalakahle lapho u-Small ayengusihlalo kanti lokho kwaholela ekutheni u-Maart athole iziqu zakhe zokuqala.
Ngemva kwaloko waya kofundela iziqu zeMastazi, ngomfundaze we-British Council, e-University of York e-UK, walandelisa ngeziqu zobudokotela kwifilosofi nokuhlaziywa kwesifundongqondo e-Centre for Contemporary Studies (e-CCS) e-University of Birmingham, e-UK.
Le Lifetime Achievement Award etholwe ngu-Maart eyesibili. Eyokuqala, i-The William R. Jones Award wayithola ngonyaka wezi-2016 nge-Philosophy Born of Struggle. Useke wathola uxhaxha lwemiklomelo yaphesheya okubalwa kuyona indondo yangowezi-1992 i-The Journey Prize: Best Short Fiction in Canada, nomklomelo wemali ngendatshana yakhe ethi No Rosa, No District Six.
U-Maart usesebenze e-UKZN iminyaka ecela kweyishumi futhi uphinde abe yinxusa le-International Research e-University of Bremen, eJalimane.
‘Ungithusile lomklomelo. Ngavuka kusanda kushaya ihora lesithupha ekuseni ngoMasingana mhla wokuqala ngivukela kulezizindaba. Ngokuqhubeka kosuku sengilungela ukuvuka, kwadingeka ukuthi ngizibuze ukuthi lezizindaba ziyiqiniso yini. Akekho ophila yedwa kulomhlaba. Lomklomelo owe-District Six, e-Lavender Hill, e-Steenberg High nase-UWC,’ kusho u-Maart.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



