UMnu Nalin Singh.Umfundaze Ohlonishwayo Wase-Oxford KoweHayidroloji
Click here for English version
UMnu Nalin Singh, ophase ngamalengiso i-summa cum laude i-Onazi yeSayensi kwiHayidroloji ngoNhlaba, ubheke e-Oxford University eNgilandi ngemva kokuthola umfundaze i-Oxford-Weidenfeld and Hoffmann Scholarship ukuyoqhuba izifundo ohlelweni i-MSc in Water Science, Policy and Management.
I-Oxford-Weidenfeld and Hoffmann Scholarship and Leadership Programme inikwa abafundi abakhombisa ukuba bukhali ezifundweni okulindeleke ukuthi zibambe iqhaza ocwaningweni lwenyuvesi, ziqhubeke nokuba ngabaholi, ziphose esivivaneni emphakathini emazweni azo nasezindaweni ezidabuka kuzona.
Lezizifundo zithuthukisa abaholi basemazweni asathuthuka ngezifundo ezikhokhelwa ngokuphelele e-Oxford University kubafundi abavelele kanjalo namathuba okusimama, ukuthuthukiswa nokuhlangana nabanye abantu.
Ukwazi ubumqoka bezinto eziphilayo, uthando lwezincwadi ezingeqiniso nomsebenzi kayise wokuba ngusosayensi wezemvelo kwakhuthaza u-Singh ukuthi afundele isayensi yezemvelo.
‘Ngasheshe ngaqonda ukuthi umhlaba usengozini, ngakho udinga ukuvikelwa, ngase ngizibona ngineqhaza ekuvikeleni imvelo,’ kusho u-Singh. ‘Nganquma ukubamba iqhaza ngokufundela into emqoka ngaphezu kwezinye, okungamanzi.’
Ukufunda emkhakheni weZemvelo wase-UKZN kwenza u-Singh wafunda ngobungcweti obehlukene nezifundo zesayensi, akholwa wukuthi kuzomlungiselela ukungena kulezizifundo zeMastazi kwiSayensi.
Lomfundi ovelele waseSikoleni SeSayensi KweZolimo, Ezomhlaba neZemvelo kwiziqu zokuqala ne-Onazi kwenze u-Singh waphasa ngamalengiso i-summa cum laude wathola izindondo eziningi, okukhona kuzona i-Roland Schulze Award yomfundi weHayidroloji owenza unyaka wesithathu ovelele ne-JG Afrika Award yomfundi wezendawo ovelele ne-Campbell Scientific Floating Trophy yomfundi ovelele oqede amamojuli e-Agrometeorology ngonyaka wezi-2018.
Ngenkathi esafunda u-Singh wayengusihlalo we-Hydrology Student Club yaseCentre for Water Resources Research (i-CWRR) nelungu legatsha laKwaZulu-Natali le-International Organisation for Impact Assessment South Africa.
Phakathi kwamazwibela ka-Singh e-UKZN wukuqonda ihayidroloji akuthola khona nabangani abathola.
Ngenkathi esafunda wathola itoho lamaholidi e-Geographic Information Systems (GIS) nowehayidroloji e-JOAT Group, wenza ucwaningo e-groundWork, inhlangano engenzi nzuzo elwela ukuvikela imvelo ne-South African Environment Observation Network.
Unyaka azowuhlala e-Oxford uzogxila ezintweni ezithinta umkhakha wamanzi. U-Singh, ochazwe ngukuhlanganisa izinto ezihlukene kulezizifundo, uzoqala izifundo ngoMandulo.
‘Ngihlose ukwakhela esisekelweni esinqala semfundo engiyithole e-CWRR nase-UKZN kanti izifundo zami ngizozihlela ngendlela yokuthi ngizobuyisa ulwazi oludala ukubhekana nezinselelo ezithinta amanzi e-Afrika eseNingizimu,’ kusho u-Singh.
Ngemva kokuqeda izifundo zeMastazi, u-Singh uhlose ukusebenza phesheya kancane kepha bese ebuya ezoqedela izinhlelo zakhe e-Afrika eseNingizimu. Ucabanga ukwenza iziqu zobudokotela kulomkhakha.
Isifiso esikhulu sika-Singh wukuba wungoti ovelele emkhakheni wezokuphatha amanzi ngendlela "entsha" ne"hlukile" ekuphatheni amanzi nokuthuthukisa abanye.
I-CWRR ihalalisele u-Singh, yamfisela impumelelo.
U-Singh ubonge abazali bakhe ngokumkhulula ukuthi azitholele into ayithandayo ngenkathi efunda, wabonga abangani bakhe nomndeni ngokuthinta impilo yakhe nentuthuko yakhe. Uthe ubonga zonke izifundiswa, abamthuthukisile nothisha ababeneqhaza empilweni yakhe kusukela emabangeni ayisisekelo aze kufinyelele enyuvesi.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe



