I-Johnson & Johnson igixabeze abafundi besifazane abangama-26 imifundaze yezifundo zesayensi e-UKZN.I-UKZN Ibambisene Ne-Johnson & Johnson Ohlelweni I-WiSTEM2D
Click here for English version
I-UKZN ihlangane ne-Johnson & Johnson emkhankasweni wayo i-Women in Science, Technology, Engineering, Mathematics, Manufacturing and Design (i-WiSTEM2D) ohlose ukwandisa isibalo sabantu besifazane abenza iziqu kwi-STEM2D.
Lomkhankaso onezinhloso ezinkulu unezindlela ezihlukene zokweseka nokukhuthaza amantombazane nabantu besifazane bazo zonke izigaba ukuthi benze izifundo nemisebenzi emikhakheni yesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela, izibalo, ukukhiqiza nokudweba, phecelezi i-science, technology, engineering, maths, manufacturing and design.
Emcimbini osanda kuba ngobuchwepheshe bokuxhumana ngesimanje, umndeni wezinkampani zakwa-Johnson & Johnson unike abafundi besifazane abangama-26 imifundaze kwezesayensi e-UKZN.
Ephawula ngemifundaze uSekelashansela noMphathi uSolwazi Nana Poku uvumile ukuthi inselelo yokungalingani ngokobulili idlangile emphakathini, wathi ‘emsebenzini yindawo efanele yokufundisa isizukulwane esizayo, nokuhlomisa isizukulwane sabantu besifazane sangomuso. Lababantu besifazane abangama-20 abavelele abaqokiwe bazoshintsha izinto ngomuso kanti ngibonga lobubudlelwano.’
Ukubambisana kwe-UKZN ne-Johnson & Johnson kuqale ngonyaka odlule ngenhloso yokwazisa kabanzi nge-WiSTEM2D e-UKZN nasezikoleni zamabanga aphezulu eziphakela inyuvesi. Lomkhankaso usungulwe ngenxa yomsebenzi omuhle weSikole sezeMfundo, sibambisene neSikole Sezifundokuhlelwa komumo wezakhiwo kanye nentuthuko, iSikole seZibalo nezibalomidanti ne-SARChI Chair eSikoleni sezobuNjiniyela.
Umqondisi we-Sub-Sahara Africa, J&J Global Community Impact uNks Laura Nel uthe: ‘Ukubambisana kugxile kwimifundaze yabafundi besifazane ukubeseka emikhakheni ehlukene ye-STEM2D nomhlahlandlela wokwandisa abantu besifazane kwi-STEM2D, kusetshenziswa ucwaningo lwabafundi.’
Abathole imifundaze baqeqeshwa ngabafundi abangaphambi kwabo nabafundisi besifazane ngenkathi befunda.
Umfundi wezeMfundo uNks Kerina Mothilal uthe: ‘Ngijabule ngokuthola lomfundaze. Ngothando lwami lokufundisa nokubumba imiqondo yabantu abancane, ngizosebenzisa lenkundla ukuthuthukisa uthando lwezibalo nesayensi emantombazaneni engiwafundisayo.’
Umfundi weZokwakha uNks Aphiwe Tshazi uthe: ‘Ukuba ngumuntu wesifazane kwisayensi kuyinselelo kepha kumnandi. Njengoba ngingomunye wabokuqala abaklonyelisiwe, ngihlose ukwakha umphakathi wososayensi abangabantu besifazane lapho bezokwazi khona ukucobelelana, bathekele ngolwazi lwezinto ezintsha kwisayensi.’
Umfundi owenza iMastazi kwiData Science uNks Thandokazi Jantjies uthe: ‘Lomfundaze wenza sikwazi ukunikela emphakathini. Siyakhuthazeka ukukhuthaza amantombazane amancane ukuthi afundele imisebenzi kwi-STEM.’
I-SARChI Chair in Waste and Climate nomholi wayo e-UKZN uSolwazi Cristina Trois uthe: ‘Abafundi besifazane abenza iMastazi neziqu zokuqala zoBunjiniyela baqokelwe ukuba ngamanxusa alomkhakha nokuheha abafundi besifazane abasebancane ukuthi bangene emkhakheni wobunjiniyela.’
Ngokwaloluhlelo, imali ekhona ingaphezu kwezigidi ezingamaR1.3 iminyaka emibili ebekelwe ukuheha abafundi besifazane ezifundweni ze-STEM2D nokuqonda ukuthi yiziphi izithiyo.
Loluhlelo lugxile ekufinyeleleni emphakathini ukugqugquzela ukufunda namakhono okudonsa nokugcina abaphuma esikoleni bengena eNyuvesi ezifundweni ze-STEM2D, okukhona nezifundo zokufundisa othisha kuzona nokuthi babeyizifundiswa noma ososayensi noma ongoti abaphelele.
IDini neNhloko yeSikole seZemfundo uSolwazi Thabo Msibi ithe: ‘ESikoleni seZemfundo, abafundi besifazane abaphasa kahle kwiSayensi, Izibalo neSayensi yamaKhompiyutha banikwa imifundaze, baqeqeshwe ukuze baqede izifundo. Othisha abaqeqeshwayo nabo bazokwesekwa ukuphucula amakhono abo okufundisa Izibalo neSayensi ngezingosi zokuqeqeshwa. Abafundi abaphasa kahle basezikoleni zeDinaledi bazoqeqeshwa, besekwe ukuthi bathole izikhala ezifundweni ezihambisana ne-STEM2D enyuvesi.’
IDini neNhloko yeSikole seZifundo Zokwakha neZentuthuko uSolwazi Ernest Khalema wengeze ngokuthi: ‘Njengayo yonke imikhakha enamakhono anqabile emkhakheni wezokwakha, umkhakha wethu nawo unomlando wokuba nenselelo ukuheha abafundi besifazane abaMnyama bezikole zezigaba soku-1 kuya kwesi-3. Lomkhankaso uzoqinisekisa ukuthi abafundi abafanele bangena kuloluhlelo, baqeqesheke bese beba ngamanxusa eNyuvesi alomkhankaso, baqeqeshe nabanye abafundi abasohlelweni lwe-STEM programme, ukudala ithuba lokuthi imikhakha ehlukene isebenze ngokubambisana nasekufundeni.’
IDini neNhloko yeSikole seZibalo, izibalomidanti neSayensi yamaKhompiyutha uSolwazi Delia North ithe: ‘Kukhethwe abafundi besifazane abanhlanu emazingeni eMastazi, i-Onazi neziqu zokuqala ukuthi bathole imifundaze ye-J&J ngenxa yobukhali babo neqhaza labo ekilasini. Lamantombazane azoba wumgogodla wethimba labantu besifazane le-Women in Analytics, abe yisibani emantombazaneni asesikoleni naqala ukungena enyuvesi. Ngibonga ngiyanconcoza kwi-J&J esinike lezizintokazi ezincane ezivelele ukuthi zifunde ngonyaka wezi-2021.’
Abathole imifundaze ngo:
• Kekelwa Akombelwa
• Keyosia Chain
• Kiasha Chetty
• Yolanda Dladla
• Taryn Enoch
• Nokuthula Gumede
• Zamanguni Gumede
• Thandokazi Jantjies
• Johara Khan
• Nokubonga Madondo
• Shiluba Maluleke
• Mbalenhle Mkhize
• Kerina Mothilal
• Yolanda Mpanza
• Siyethemba Mthembu
• Nobuhle Mthethwa
• Sinakhokonke Mweli
• Zamasomi Mzoneli
• Maranka Naidoo
• Shalyn Pennington
• Yarissa Ragavaloo
• Sadhna Ramklaas
• Pretty Sibiya
• Lusanda Sineke
• Aphiwe Tshazi
• Luyanda Zikalala
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



