
Imbokodo Ibinombukiso Wokupheka Bukhoma Ukugubha Inyanga Yabesifazane
Click here for English version
Ukugubha Inyanga Yabesifazane Imbokodo Women in Leadership Programme yase-UKZN ibinombukiso wokupheka bukhoma lapho bekukhona umpheki ovelele nomfundi wakudala wase-UKZN uNks Zandile Makhoba.
Imbokodo, loluhlelo olwenzelwe ukukhuthaza abantu besifazane, inika abantu besifazane inkundla yokuthi badingide izihloko ezisematheni futhi bazane.
Lombukiso wokupheka bukhoma obizwa nge-For the Love of Women, ubugabe ngabapheki abavelele abane base-UKZN oMnu Michael Davids, iMenenja: Yezimali zokuxhasa Abafundi; uDkt Michael Cloete, Imenenja yezaBasebenzi; uSolwazi Pholoho Morojele, iDini yezoCwaningo: eKolishi lezesiNtu noSolwazi u-Ross Robinson, iDini neNhloko yeSikole seKhemistri neFiziksi.
UNkk Busisiwe Ramabodu, Umqondisi: Ezabasebenzi nomhleli womcimbi uthe uthakase kakhulu ukwemukela wonke umuntu kulombukiso obuwenziwe ngobuchwepheshe bokuxhumana besimanje, obekungumbukiso wokuqala ofana nawo.
Wengeze ngokuthi inhloso yalomcimbi ngukubhekana nezinto ezithinta abantu besifazane emphakathini nasemsebenzini. URamabodu ubalule izinto ezinkulu ezenziwe ngabantu besifazane abayizingqalabutho abalwa namasiko, wathi usemningi umsebenzi nokho.
Ephawula ngomcimbi uthe: ‘Leli yithuba labobonke abantu besilisa base-UKZN nabayeni lokuthi bazivivinye bona, bacabange ngeqhaza labo ekulungiseni izinkinga abantu besifazane ababhekene nazo namuhla.’
Emukela abapheki abavelele, uMakhoba akapholisanga maseko wangena kwimenu ebihlelwe ngu-Davids, ebinenhlanzi eyosiwe nombila nesaladi katamatisi, isobho lama-noodle enkukhu nama-cheese quesadilla. U-Davids obenamahloni uthe lemenu ‘ibimnandi’ kuyena, wafunda ukwenza izinto ezintsha. Uchazele izethameli uhlobo lwenhlanzi ayisebenzisile nama-spice nezinto azigxishe enhlanzini nendlela yokosa.
U-Cloete wethule imenu yakhe enefilethi yengulube ehamba nemifino ebilisiwe, isishebo e-chick pea ne-Waldorf salad. Uxoxe ngothando lwakhe lokupheka, wachaza ukuthi lokhu bekuyithuba lokuthi abonge abantu besifazane abasempilweni yakhe. Uchazele izethameli ngendlela yokuthi yenziwa kanjani ifilethu yengulube, walanda ngama-sauce ahambisana nesidlo sakhe nendlela yokusiphaka.
Imenu yesithathu bekungeyenkukhu ethothombisiwe ehamba nejus, isishebo semifino, isaladi ka-beetroot nespinashi nesinkwa i-naan ebilungiswe ngu Morojele ukuhlonipha bonke abantu besifazane emhlabeni. Uphawule wathi elinye lamathalente akhe ulithole ngalokhu, wase elanda ukuthi inkukhu uyenza kanjani. Ubalule iqhaza labantu besifazane empilweni yakhe, ikakhulu elikaSolwazi Relebohile Moletsane ngokumfukula ngokuba wumeluleki wocwaningo lwakhe lweMastazi neziqu zobudokotela.
Umpheki ovelele wokugcina u-Robinson yena ubezipholele, engaxhamazeli ngenkathi elanda ngakubize ngemenu elula kunawo wonke obekuyisiteki senyama ethothombisiwe ebihamba ne-sautéed mushroom, izimpiko zenkukhu ezibhixwe ngezinongo, amazambane agazingiwe ne-Greek salad. Ngemva kokuyilungisa nendodakazi yakhe lemenu, uthe ubemagange ukuphakela umndeni wakhe. U-Robinson wengeze ngokuthi ukudla kuhlanganisa abantu, wathi ‘lona wumcimbi omuhle wokugubha izinto ezinhle ezenziwa ngabantu besifazane e-UKZN namagalelo abanawo empilweni mihla namalanga.’
Isigaba semibuzo nezimpendulo besiholwa ngu Ramabodu ngenkathi abapheki abavelele belungisa izidlo zabo. Izethamelil zibone indlela elula yokwenza isinkwa i-naan uma umuntu esephelelwe yisinkwa.
Esebuyela kubapheki abavelele ukuze baveze umsebenzi wabo, uMakhoba ucobelele ngamasu amaresiphi. Wethule ithimba asebenzisane nalo ukupheka, wancokola ukuthi akabesweli abapheki.
Esevala umcimbi, uMoletsane, onguSihlalo we-John Langalibalele Dube in Rural Education e-UKZN, usonge amaphuzu amqoka alewebhina obekukhona kuwona amasu okupheka, ubumqoka bokuhlukaniselana imisebenzi yasekhaya nokuthi ukupheka ukudla okumnandi nomlingani wakho, izingane noma abangani kungaholela ezingxoxweni ezimqoka.
Ethinta isihloko, uthe iwebhina ikhuthaze ‘uthando lomndeni, olomphakathi nolwabantu imbala.’
Amagama: nguHlengiwe Khwela
Izithombe: Zithunyelwe