
Umfundi Wase-UKZN Wenza Ezibukwayo Emkhakheni Wezobuchwepheshe Namabhizinisi
Click here for English version
Umfundi weZiqu zoHwebo wase-UKZN uNks Ntandokazi Buthelezi siyazifela ngamandla obuchwepheshe, ubuholi nezamabhizinisi ukushintsha nokuthinta imiphakathi ngendlela eyakhayo.
UButhelezi kumanje wenza unyaka wokugcina lapho egxile khona ekuhlelweni kolwazi nobuchwepheshe.
‘Ngakhuliswa wugogo owayehlale enginika imfundiso yokuzikhandla komuntu wesifazane ngaphezu kowesilisa. Umkhakha engawukhetha wawuhambisana naleyo mfundiso, ngakhetha ezobuchwepheshe ngoba ziqhakambisa uhlangothi lwami lobuciko, lwenze ngihlale ngithola amasu amasha nezisombululo,’ kusho yena.
UButhelezi, ongumuntu wesifazane, usekhombise ukuphokophela emsebenzini wakhe wokuba yiSekela-Mengameli Wezomsebenzi kwi-ENACTUS-UKZN ehola imikhankaso ephucule izimpilo zabantu abevile e-1 500, okwenze lenhlangano esiza umphakathi yadla umhlanganiso i-2020 ENACTUS South Africa National Champions.
UButhelezi ukhona nasenhlanganweni i-Women in Tech Organisation, inhlangano yomhlaba wonke ehlose ukuvala igebe kwezobulili, ilekelele nabantu besifazane ukuba bangene kwezobuchwepheshe. Wenza umsebenzi wokuba ngumeluleki ngobuchwepheshe bamarobhothi afuze abantu entsheni ngokubambisana ne-MTN SA Foundation.
‘Ngiyazifela ngokuthuthukisa abantu besifazane ngoba ngiyazi ukuthi sinomqondo wokwenza noma yini, sakhe noma yini! Uma sikwazi ukuzala, sifudumeze ikhaya futhi sondle, ukukhonya emikhakheni emikhulu ngenye yezinselelo esibhekene nazo,’ kusho yena. ‘Ukuthuthukisa abantu besifazane emkhakheni wezobuchwepheshe kwenza ngikwazi ukubakhombisa ukuba bangaba nobuciko, baqambe izinto futhi babe ngabaholi abavelele kulo mkhakha.
Ungomunye wabangongqondongqondo kwezamasu ezobuchwepheshe e-Asante Solution inkampani exube ezokukhangisa ngezobuchwepheshe nobuchwepheshe.
Amagama: nguLungile Ngubelanga
Isithombe: Sithunyelwe