
Ukwakha Uhulumeni Ohlinzeka Ngezidingo Kangcono
Click here for English version
Ukuthatha izinqumo eziphusile ngezimali nokubala kahle umphumela wezomnotho emsebenzini kahulumeni kudinga ukuthi labo abakwenzayo babenamakhono asezingeni eliphezulu nobuchule obufanele.
Indima kahulumeni yamanje idinga lamakhono njengoba izinqumo ezingalungile zingaholela ekuthuntubezekeni kwemisebenzi kahulumeni. Ngakho izikhulu zikahulumeni eziphethe amatomu zinejoka emahlombe, ikakhulukazi ngokwezinqumo ezithinta izimali.
Ukulekelela izikhulu zikahulumeni ukuthi zifinyelele emazingeni alindelekile nokuzihlinzeka ngolwazi lwezimali oluwusizo, i-Extended Learning Division (i-UEL) yase-UKZN iqale i-Municipal Finance Management Programme eyenzelwe ukubhekana nezidingo zezikhulu zikahulumeni. Ngalezi zifundo, abasebenzi bakahulumeni bathola ithuba lokuphucula ubuchule babo kwezezimali bese kuthi ekugcineni bakwazi ukuphucula umsebenzi kahulumeni.
Izinto ezifundwa kwi-Municipal Finance Management Programme zicija izethameli ngamakhono azenza zikwazi ukuphatha imali nokugada ingozi ezingeni likamasipala, ngokuphucula amakhono akho, ulwazi nobuchule. Izethameli zizoqonda kangcono ngokudingekayo uma kubikwa ngezimali, zithole amakhono adingekayo ukuthatha izinqumo ezifanele ngezimali futhi zikhombise ulwazi lwazo namava ekuphatheni izimali ukusebenzisa izimfanelo ngendlela efanele neyongayo.
Ukuqonda uhlaka lomhlahlandlela kahulumeni kumqoka kubasebenzi bakahulumeni ukuthi bagade imali engenayo nephumayo kumasipala ngokusetshenziswa kwezinqubo ezikhona ukugwema ukukhwabanisa. Inqubo yokuhlela neyokwenza izinto eminyangweni kahulumeni idinga ukuthi abantu bakwazi ukwenza wonke umsebenzi wohulumeni bendawo.
Ukuzibekisela indawo kulezi zifundo noma ukuthola eminye imininingwane ngazo, ciphiza lapha noma usithinte ngqo ngoNokwanda Mokoena enombolweni ethi: +27 31 260 1234 noma ubhalele ku: MokoenaN@ukzn.ac.za
Amagama: nguNkosingiphile Ntshangase
Isithombe: Sithunyelwe