
Udokotela WaseKZN Wenza Ezibukwayo Ekulweni Nofuba
Click here for English version
UDkt Suveer Jhugroo ungibingelela ngokumamatheka ngenkathi ngingena endaweni yakhe yomsebenzi ePhayindane ukuzomlethela indondo yakhe evela ethimbeni le-Connect TB ngokuthumela amasampula okuhlolwa kweziguli amaningi kunawo wonke kusukela kwethulwe umkhankaso wase-UKZN wokuqala ukuhlola kusukela kuMbasa nonyaka.
U-Jhugroo uyindoda enobungani nothando olujulile lweziguli zayo kanti lokhu kugqama ebusweni babasebenzi bakhe neziguli zakhe endaweni yokulinda endaweni yakhe. Akusiyo into elula ukuba ngudokotela ngalesi sikhathi; njengoba sigutshuzelwe yisiwombe sesithathu se-COVID-19, iziguli nabasebenzi banexhala kanti izibhelu zaKwaZulu-Natali nazo ziphazamise odokotela bendawo. Kepha noma kunjalo ngeke lo dokotela umbone edangele!
Ukusa kwaziwa nguye ezoqala ukusebenza. Uma isiguli sikhwehlela, wenza konke okufanele, asibuze imibuzo edingekayo ngenxa yokuthi i-COVID-19 akuyona kuphela edala ixhala futhi isifunda saseThekwini singezinye ezinezinga eliphezulu lesifo sofuba kanti lesi sifo ngesinye sezihamba phambili ngokubulala eNingizimu Afrika.
Njenge-COVID-19 olunye lwezimpawu zaso kuvame ukuba ukukhwehlela, okuthinta amaphaphu. Lesi sifo siyathelelana kodwa sona sihluke kwi-Coronavirus ngokuthi sithathelana emoyeni ngokukhwehlela, hhayi ngokuthinta izindawo noma ukuthintana okunamagciwane njengokwangana nokuxhawulana.
Okunye futhi ukuthi izimpawu zesifo sofuba zithatha amasonto noma iminyaka ngaphambi kokuthi zibonakale ngoba igciwane likwazi ukucasha isikhathi eside emaphashini noma kwezinye izindawo. Ezinye izimpawu ezivamile wukuncipha, ukujuluka ebusuku nemfiva.
Okumqoka kakhulu ukuthi isifo sofuba siyelapheka ngokudla imithi. Uma umuntu esheshe ebonakala ukuthi unaso bese eqala ukudla imithi, maningi amathuba okusinda ngokuphelele; okuyilapho uJhugroo engena khona.
Ngokubamba iqhaza ocwaningweni lokuqala lwase-UKZN olubizwa nge-Connect TB, uJhugroo ukwazile ukuqoqa amasampula amathe eziguli ezinezimpawu zesifo sofuba ukuthi ziyohlolwa mahala e-National Health Laboratory Services (e-NHLS). Umsebenzi wakhe wenze wathola umklomelo ngamasampula amaningi kunawo wonke kusukela waqalwa lo mkhankaso.
Lolu cwaningo lokuqala luhlose ukunciphisa ukugqoza kokubuya kwemiphumela yokuhlolela isifo sofuba ezigulini eziqala ziye ezibhedlela ezizimele. Ucwaningo oludala lwaveza ukuthi iziguli ezinezimpawu zofuba ziqale ziye kodokotela abazimele zivame ukugodukiswa ngemva kokunikwa imithi engazisizi noma zithunyelwe ezibhedlela zikahulumeni ukuze zihlolwe mahhala. Ukuhambisana kwesifo sofuba ne-COVID-19 nakho kwenza izinto zibambezeleke njengoba iziguli ezikhwehlelayo kuke kucatshangwe ukuthi zine-COVID-19.
Ukungena kwi-Connect TB kwenze odokotela bendawo baxhumana neziguli ezingasheshi ukuveza izimpawu udokotela engazange aphume lapho elaphela khona, okwenza ukuhlola kube lula. Iziguli ezitholakala zinesifo sofuba zisizwa ngomqhafazo ukuze zithole usizo lokwelashwa, okusheshisa ukwelapheka, kunciphise izikhathi zokuya kodokotela. Iziguli ziyesekwa izinyanga eziyisithupha zokwelashwa ngabadidiyeli abavama ukubathinta ngokucingo bababheke ukuthi baqhuba kanjani. Babe sebazisa odokotela ukuthi izinto ziqhubeka kanjani, okuvala igebe uma iziguli zikhetha ukwelashwa ezindaweni zikahulumeni.
Ebona ubumqoka bokusheshe kubanjwe isifo sofuba u-Jhugroo washeshe wabhalisa kwi-Connect TB.
Cishe ikota yamasampula athunyelwe ngu-Jhugro aveza ubukhona besifo sofuba, okungubufakazi bokuthi ngempela lo mkhankaso uyasebenza.
Ngokwenama kwakhe okuvamile, u-Jhugroo ngenkathi ethola umklomelo uthe: ‘Iziguli zami ziyajabula ngosizo ezilutholayo lokuhlolwa. Ngiyajabula ukuba yingxenye yalo mkhankaso nokuba nosizo.’
I-Connect TB iholwa ngumcwaningi omkhulu uDkt Jody Boffa noDkt Tsholofelo Mhlaba, nemenenja yomkhankaso uDkt Buyisile Chibi. Yesekwe nguMnyango WezeMpilo KwaZulu-Natali, izifunda zezempilo eThekwini, i-NHLS, yaxhaswa ngemali yi-Stop TB Partnership ne-Bill & Melinda Gates Foundation.
UDkt Buyisile Chibi wase-Centre of Rural Health e-UKZN uyimenenja yomkhankaso we-Connect TB.