
Ukuthunga Kuxoshe Ukhwantalala Kumfundi
Click here for English version
Ukuqala izifundo zokuthunga kwasiza umfundi wase-UKZN uNkk Phetsile Gamede sanqoba ukhwantalala olwalusihlasele ngenxa yokungasebenzi.
Yize ayeneziqu kodwa wayengawutholi umsebenzi. ‘Ayikho into ebuhlungu njengokuhlala ekhaya ungenzi lutho ngaphandle kokubuka abangani nontanga ezinkundleli zokuxhumana befaka izithombe zabo besemsebenzini,’ kusho yena.
UGamede uxoxe ngokuhlangana kwakhe nomsiki wengqephu ongagcinanga nje ngokumthungela ingubo yomshado kodwa owamfundisa ukudweba nokuthunga izingubo zokugqoka.
Emva kwalokho uGamede wakhetha ukwenza izifundo zokuthunga nokuthe ngokuhamba kwesikhathi, ngokusizwa ngumyeni wakhe uSanele, wavula inkampani yezingubo zokugqoka i-EPS Clothing and Brands Pty Ltd.
Leli bhizinisi eliseMbilo lenza imifaniswano yabahlengikazi nodokotela, nezinye izimpahla. ‘Sengiqashe nabanye abantu ukubasiza ukuze nabo bakwazi ukondla imindeni yabo.’
UGamede usekhethe ukubuyisela emphakathini ngokucija intsha ngekhono lokuthunga ukuze nayo ikwazi ukuziqalela amabhizinisi ayo. ‘Kubalulekile ukuthi noma unesicucu kodwa ube ubheka ezinye izinto, ubambe noma yiliphi ithuba elivelayo. Kubalulekile nokuxhumana neminyango kahulumeni esiza amabhizinisi amancane.’
Ungaxhumana ne-EPS Clothing and Brands ngokuvakashela ikhasi labo likaFacebook.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe