
Umfundi WeKhriminoloji Uklonyeliswe nge-NRF Research Funding for Youth Transformation
Click here for English version
Umfundi weziqu zobudokotela kuZifundo zeKhriminoloji neZophenyo uNks Smangele Nkosingiphile Shandu uxhaswe ngokugcwele yi-National Research Foundation (i-NRF) ngowcaningo lwakhe olusihloko sithi The Developments of a Prosecutorial Approach to Combat Income Tax Fraud in South Africa.
Lokhu kuxhaswa ngemali kuhambisana nomkhankaso we-NRF wokuxhasa intsha ethuthukisa ulwazi, eshintsha izimpilo nekhuthaza isizwe.
Ucwaningo lwakhe oluqhubekayo kwezobudokotela, olugxile endleleni ebanzi yokushushisa ukukhwabanisela intela, luzoba wumbhalo wokuqala ozophosa esivivaneni kulendima. Umeluleki wakhe ekucwaningeni nguSolwazi Shanta Balgobind Singh.
‘Ngikholwa wukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika kufanele usebenzele ukuphucula isimo sokuhlinzeka izidingo,’ kusho uShandu. ‘Kuthenjwa ukuthi lolucwaningo luzokwenza ukuthi kwazeke kabanzi ngomphumela wokukhwabanisela intela nokubalekela ukuhlinzeka izidingo zomphakathi nangokusimama komnotho eNingizimu Afrika. Ukusebenza kanye nezikhala ezikhona ekushushisweni kwamacala ezomnotho kuzolungiseka ngeziphakamiso zababambiqhaza abafanele nabenzi bezinqubomgomo ezweni.’ kusho uShandu.
UShandu uphinde waxhaswa nge-NRF International Travel Grant ukuthi aye engqungqutheleni i-International Conference on Interdisciplinary Social Sciences ye-14 e-Universidad Autonoma Metropolitana, eMexico City. Isihloko senkulumo yakhe besithi A Critical Analysis of Criminological Application in Responding to Violent Crimes in South Africa.
Engqungqutheleni uthole umklomelo wesifundiswa esisafufusa i-Emerging Scholar Award ngemva kokuphatha uhlelo ngaphansi kwendikimba yezeNhlalo neZombusazwe.
Ucwaningo luka Shandu belugxile ekuqhathaniseni ezokushushisa, ukunqanda ubugebengu, amacala ezinkundla zokuxhumana ngobuchwepheshe, uphenyo lwezesayensi, amacala ezomnotho, amalungelo abantu, ukugwema ubugebengu emphakathini nokweseka abantu abagiliwe.
‘Umkhakha engigxile kuwona ngowamacala ezomnotho okukhona ukubona umgunyathi, ukuwahlaziya nokuwagwema eNingizimu Afrika,’ kusho yena.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe