
Izifundiswa Zase-UKZN Zibhale Incwadi Yokubhekana Nezobuchwepheshe
Click here for English version
Izifundiswa zase-UKZN zaseSikoleni Sokuphathwa Kwezobuchwepheshe Nokubusa uDkt Upasana Singh, uSolwazi Purshottama Reddy noSolwazi Maxwell Phiri kanye neNhloko Yocwaningo e-Open University of Mauritius (e-OU) uDkt Perienen Appavoo babhale incwadi entsha ebizwa ngokuthi Global Trends in Management, IT and Governance in an e-World.
Le ncwadi inocwaningo olwethulwa engqungqutheleni eyaba yimpumelelo enkulu e-Mauritius eyayihlelwe yi-OU neSikole Sezifundo Zomthetho neZokuphatha.
Ngokwabahleli, inhloso enkulu yalengqungquthela ehlanganise imikhakha ehlukene kwakungukuhlanganisa izifundiswa zemikhakha ehlukene ukuthi zicubungule izinto ezenzeka emhlabeni jikelele endimeni yezobuchwepheshe ngaphambi kwe-Fourth Industrial Revolution. Wonke amaphepha ocwaningo emukeliwe ukuthi angene encwadini abuyekezwe ngeso elibanzi.
UMqondisi-Jikelele we-OU uDkt KS Sukon uthe: ‘Ngonyaka odlule ngenkathi kubonakala igciwane i-Coronavirus e-Wuhan, eShayina, kwethulwa amaphepha ocwaningo amabili ababhali bengazi ukuthi umsebenzi wabo uzogcina wemukelwa ngesasasa. Ngakolunye uhlangothi, abahleli bengqungquthela babengenalwazi ukuthi okuzotholakala engqungqutheleni kuzosiza wonke umuntu ofisa ukusebenzisa ubuchwepheshe ukwenza umsebenzi wakhe.’
Omunye wabashicileli u-Singh uthe: ‘Lencwadi inezihloko zocwaningo ezehlukene ezimqoka kakhulu ngalesi sikhathi sobhubhane, okuphoqe ukuthi abantu bathuthele ezinkundleni zokusebenza ngobuchwepheshe besimanje. Lencwadi yetshisa izindikimba zomkhakha wezokuxhumana ngobuchwepheshe njengezinselelo zokusebenza kwemithetho evikela abantu kwezobuchwepheshe, ukusetshenziswa kobuchwepheshe kwezinkampani ezincane, ukuhweba ngezindlela zobuchwepheshe nocwaningo emkhakheni wezemfundo ephakeme.
Kubabhali base-UKZN kukhona uDkt Dusty-Lee Donelly waseSikoleni seZomthetho, uDkt Paul Kauriki wase-SMIG, uDkt uThokozani Mbhele, uNks Lindiwe Kunene, uMnu Mpho Mzingelwa, uDkt Lizzy Ofusori, uDkt Anisha Ramsaroop ,noDkt Devika Pillay nesitshudeni esasenza iziqu zeMastazi kweZohwebo uNks Sinegugu Mthembu.
Incwadi itholakala lapha.
Amagama: nguLungile Ngubelanga
Isithombe: Sithunyelwe