
Isifundiswa Sase-UKZN BesineSimpoziyamu Ngezobuchwepheshe
Click here for English version
Isifundiswa sase-UKZN uSolwazi Rozena Maart besinesimpoziyamu ngobuchwepheshe besimanje ebizwa ngokuthi Decoloniality and Decolonial Education: South Africa and the World, ngephepha alihlelile ebhukwini locwaningo i-ALTERNATION.
Kuleliqoqo kunesingeniso, umbono womhleli, izindaba ezili-17 zababhali abali-18, imibono ebhaliwe emibili, izingxoxo ezimbili zamaqembu amabili abafundi base-UKZN zamanje nezakudala, izingxoxo-nkulumo ezintathu nokubuyekezwa kwezincwadi ezintathu.
Ngaphandle kwabaseNingizimu Afrika, abantu akade bebambe iqhaza kwisimpoziyamu bekungabase-Bhutan, e-Brazil, e-Canada, e-Colombia, eJalimane, eNdiya, e-Ireland, e-Jamaica, e-Oman, e-Senegal, eMelika nase-United Kingdom.
U-Maart embonweni womhleli uthe: ‘Lezi zindawo akuzona nje lapho ababambe iqhaza bazalelwa kuzona kuphela kodwa futhi yilapho sisasebenza khona namanje, lapho sibambisene khona nabanye abantu emhlabeni, lapho sibhekana khona nezindlela ezihlukene ubukoloni obenza sibhale, sicabange, sibuke izinto futhi sikhiqize ulwazi ngazo.’
Ephawula ngokuthi lesi sithangami sokuxhumana ngobuchwepheshe semukeleke kanjani, u-Maart uthe: ‘Kuyishwa elikhulu ukuthi asikwazi ukuphumela ezweni ngenxa yemigomo ye-COVID-19 sibungaze abafundi base-UKZN ababambe iqhaza ekubhaleni leliqoqo. Abafundi bagxeke uhlelo lwethu lwemfundo enobukoloni elandelwa yindlela esenza ngayo izinto nesizabalazayo ukuyishintsha kanjalo nezifundiswa zobukoloni ezikhuluma ngokwenza izinto ngendlela yase-Afrika kodwa ziphinde zenze izinto ngendlela ephikisana nayo zithethise, zijezise futhi zithunaze abafundi abaMnyama,’ kusho u-Maart.
UNks Nandipha Makhaye, obebambe iqhaza kwisimpoziyamu, ongumfundi wase-UKZN wakudala nongumdwebi wezakhiwo, uthe: ‘Ngemuva kokucwaswa iminyaka eminingi nokubhekana nezinto ezihlukene ezithinta ubuhlanga nobulili bami ngiwumuntu wesifazane okwenzeke emkhakheni olawulwa ngamadoda abelungu, bekuthusa ukubamba iqhaza kulesi sithangami. Ukuba phakathi kwezifundiswa ezihlonishwayo emhlabeni nababhali bamaphepha ocwaningo bengicabanga ukuthi indaba yami iyadinga ukwaziwa, ikakhulukazi njengoba bekungokokuqala ishicilelwe.’
Omunye wabakade bebambe iqhaza uMnu Sayan Dey waseKolkata eNdiya nobenza izifundo zobudokotela emkhakheni wakhe eNyuvesi yase-Wits uthe: ‘Leli qoqo belingumsebenzi ohlanganyelwe wokuqeda ubukoloni ekucabangeni, ekwabelaneni, ekufundeni nasekulungiseni isimo lapho abantu basezindaweni ezehlukene emhlabeni behlangane khona ukuxoxa ngezinto abazaziyo nomlando wabo njengoba kwenzeka kwi-UNISA Decolonial Summer School. Siyizifundiswa ezinomlando wazo kanti akuwona nje kuphela oyimbangela yocwaningo lwethu kepha futhi yiwona oyisisekelo salo.’
UMnu Sieraaj Francis waseNyuvesi yase-Cape Town, okumanje uhlala e-Oman, uthe: ‘Ukuphila nokwenza umsebenzi wokuqeda ubukoloni ezikhungweni ezinobukoloni nasemphakathini kusenza siphile futhi sisebenze sodwa. Yingakho ngibonga kakhulu ukuba yingxenye yalesi sithangami, ukucobelelana nabantu abaningi abenza umsebenzi wokulwa nobukoloni nokufunda kubona. Kube ngumsebenzi okhuthazanayo ukukhumbula okhokho bethu, ukuhlangana nokukhumbula ukuthi umsebenzi esiwenzayo asizenzeli thina sodwa.’
Okugqamile ngalesi sithangami ukuthi sihlanganise umsebenzi wezifundiswa ezihlonishwayo, izifundisa ezisafufusa nezaziwayo kanjalo nabafundi bamanje kanye nabakudala oqhaza labo liveza uhlobo lwemfundo ezayithola nokuveza umqondo wobukoloni okudingeka ukuthi zibhekane nawo.
Leli qoqo liveza umsebenzi wezifundiswa abafundi bazo abathekele ezifundisweni ezingongoti ezintweni ezithinta ubuhlanga nobumnyama ezinjengo-Lewis Gordon, u-Leonard Harris, u-Sabine Broeck, u-Jane Anna Gordon, u-Puleng Segalo noSipho Singiswa, abazikhuthaza, bazeseka kulomsebenzi.
Isingeniso sika Maart sicacisa umbuzo ombaxa-mbili omqoka izifundiswa zaseNingizimu Afrika ezibhekene nawo othi: ‘Yini ubukoloni futhi yibuphi ubukoloni esibubalekelayo?’ Isingeniso sakhe eside njengoba singamakhasi angama-30 siqukethe isigatshana esingomlando wobukoloni eNingizimu Afrika athi ‘sigxile emlandweni wobugqili ezwekazini i-Afrika yonke naseMelika eseningizimu nesenyakatho nase-Asia, ikakhulukazi kwelaseNdiya, nakwezinye izindawo.’ Okuqapheleka kuleli qoqo yimibhalo kaSolwazi Leonard Harris, ongomunye wabasunguli be-Philosophy Born of Struggle nongoti kwezobumnyama uSolwazi Lewis Gordon, ongomunye wamalungu e-Caribbean Philosophical Association.
Umhlaziyi wezombusazwe nongumfundi wase-UKZN uMnu Jackie Shandu, naye ophose esivivaneni nezikhulumi ezintathu ngaphansi kwesihloko esithi ‘Race, Race and the City’, uthe ‘Leli qoqo lingubufakazi besibopho sokuqeda ubukoloni nya; ngokwengqondo, ngokomoya nangokwempilo.
‘Phakathi kwezinye izinto eziyingqophamlando ngaleli qoqo ngukukhombisa abafundi imilando yobukoloni nokulwa nobukoloni emhlabeni jikelele, njengasegumbini lokufunda, ebhishi, olimini, ebuzweni nasebugqilini, konke okugxile ekufundiseni, okuveza imilando efihlakele yokhokho bethu belwa nobukoloni abangakaze bahlonishelwe khona.’
U-Gordon, ekhuluma ngokhokho bethu, uthe: ‘Kusezandleni zethu ukuhlonipha okhokho bethu ngezenzo zethu ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wabo awulona ize.’
Amagama: nguSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe