
UNjiniyela Ovelele Usebenzisa Ulwazi Lwakhe Ukuletha Ushintsho
Click here for English version
UNksz Naadira Ballim, osanda kuphothula izifundo e-School of Engineering noseyi-civil engineer e-JG Afrika ukhale wemuka nendondo ye-South African Institution of Civil Engineering (iSAICE) Graduate Engineer of the Year ngonyaka odlule.
U-Ballim wayefisa ukuba ngunjiniyela ngoba enesifiso sokwenza umsebenzi ozoletha ushintsho ezimpilweni zabantu. Ngenxa yokuba ngumuntu onakekelayo, wayengumeluleki oyinhloko yabanye abafundi esafunda umatikuletsheni. Ngothisha wakhe wezifundo zezendawo owamgqugquzela ukuthi abe ngunjiniyela, kanjalo nothando lwakhe lwezibalo, okwenze ukuthi angene emkhakheni ohlanganisa lezizinto zombili.
‘Indikimba yobunjiniyela wukusiza abantu nokubuyisela emphakathini,’ kusho yena.
U-Ballim wakhuthazwa nanguyise uMnu Faisal Ballim, umsebenzi omdala wase-Campus Management Services e-UKZN eMgungundlovu, obenza imisebenzi yakhe yezobunjiniyela nowenza ukuthi izingane zakhe zazi ngezinto zobunjiniyela. Uthando lomndeni ka-Ballim lwezindawo ezisemnyango namaholidi afaka ukukhempa, ukuhamba emizileni yasemahlathini nokuvakashela iNingizimu Afrika yonkana kwamkhuthaza ukuthi enze umsebenzi lapho ezohlangana nemvelo khona nabantu abehlukene, okuyithuba alithola ngomsebenzi ogxile ebunjiniyeleni bezokwakha.
Umfundaze wase-JG Afrika wenza ukuthi lomfundi wakudala wase-Pietermaritzburg Girls’ High akwazi ukwenza iziqu ze-Civil Engineering e-UKZN, wakwazi nokusebenza ngamaholidi eminyangweni wezamanzi nowejiyotheknikhali. U-Ballim wathola imiklomelo emithathu ngonyaka wakhe wokugcina, i-Joint Structural Division of the SAICE and Institution of Structural Engineering Prize, the K Knight Prize for the Highest Academic Merit in Geotechnical Engineering ne-JR Daymond Prize for the Highest Academic Merit in Water and Environmental Engineering.
Ngemva kokuphasa ngamalengiso i-Civil Engineering degree ngonyaka wezi-2018, u-Ballim wathola umsebenzi wokeqeshelwa ukuba ngunjiniyela e-JG Afrika. Uncoma lenkampani yokumeseka nokumqeqesha ngenkathi esafunda nangomsebenzi ayewenza ngonyaka wakhe wokugcina. Uyisekela likasihlalo wegatsha laseMgungundlovu le-SAICE, lapho egxile khona ekuhambeleni izikole efundisa ngemisebenzi emkhakheni wezobunjiniyela.
Ikhono lakhe ‘lokwenza izinto ezijulile nezintsha’ nekhono lokuphatha nokucija abalingani bakhe nokuvuthwa kwakhe ekubeni ngunjiniyela oqeqeshwayo kwachaza abaqashi bakhe ne-SAICE kwenza waklonyeliswa nge-Graduate Engineer of the Year Award. U-Ballim ungowokuqala ukuklonyeliswa ngalomklomelo omusha kazwelonke.
‘Ngokuhlonishwa yizimenenja, abalingani namakhasimende ase-JG Afrika, uqondisisa izinto ezithinta ubungcweti bomkhakha wakhe esebenza nethimba noma namakhasimende,’ ngokusho kwe- sitatimende sase-JG Afrika.
U-Ballim ubonge uDkt Elena Friedrich, uNkk Ooma Chetty noDkt Christina McLeod ngokumeseka ohambweni lwakhe lokufunda, wathi umklomelo wakhe ngowabo.
Egqugquzelwa yilomklomelo futhi esekwa yi-JG Afrika, u-Ballim ubhalisele izifundo zeMastazi ku-Waste and Resources Management kanti wesese ngethuba lokusebenzisa amava nokuthola amakhono amasha ukubhekana nezinselelo zokukhuculula imvelo ukuze kuhlomule umphakathi. Ugxile ekuqondeni izinto eziyizithiyo ekulawuleni izinhlelo zokukhucula imvelo komasipala base-KwaZulu-Natal.
U-Ballim, onentshisekelo yokubona abantu besifazane bephumelela kwezobunjiniyela, ukhuthaza onjiniyela abasafufusa ukuthi bangesabi ukubuza imibuzo, ukuzikhulumela nokubheka abantu besifazane abayisibani nokuzinakekela nokunakekela impilo yabo.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe