
Owayengumfundi Wase-UKZN Kowamanqamu e-Top 30 Miss SA 2021
Click here for English version
Owayengumfundi e-UKZN uNksz Tshegofatso Molefe, oneminyaka engama-26, uzimisele ukukhombisa abantu ukuthi ukunqoba isicoco sonobuhle akupheleli ebuhleni nje kuphela.
UMolefe, oneziqu ZezoMthetho zase-UKZN, udabuka e-Kestell e-Free State, kodwa okwamanje uhlala eMgungundlovu.
Umncintiswano ka-Miss South Africa ugqugquzela ubuholi kanti ngowabesifazane baseNingizimu Afrika abanezifiso ezinkulu. Kulomcintiswano, izintokazi zithola ukuqeqeshwa ngongoti abahlonishwayo emhlabeni, zithole namakhono ezokuxhumana, ezamabhizinisi nawempilo.
‘Leli yiphupho lami elidala kanti ngiyabonga ukuthi seligcine lifezekile. Kudala ngaba nesifiso sonqoba u-Miss South Africa, ngingagcini nje ngokuwungenela nje kuphela kepha ngiwunqobe. Ngizimisele ukusebenza ngokuzikhandla ukunqoba lesisicoco. U-Miss SA awuwona nje umcinciswano wokumodela kepha uyindlela yokucijwa engumncintiswano wokumodela. Ngilapha ukuzofunda, ukuzothuthukiswa nokuthuthukisa abanye!’ kusho yena.
‘Ngikhuthazwa wukukhathalela izwe lakithi nokuzibophezela kwami ekuletheni ushintsho ngisebenzisa ulwazi enginalo kwezomthetho nokucathulisa abanye abantu. Ayikho into engiyilangazelela ukwedlula ukuphila impilo enenhloso nokushiya umlando omuhle.’
UMolefe, owaqala ukumodela esemncane, usewine imincintiswano eminingi yonobuhle okubalwa kuyona u-Miss Mgungundlovu 2014, u-Miss Spring 2014, u-Miss Edendale Mall 2014 no-Miss Mamelodi Sundowns 2019/20. Ngesikhathi enza unyaka wakhe wokugcina wezifundo iLLB, wahamba waze wafika kowamanqamu ku-Miss Justice South Africa.
UMolefe unenhlangano ebizwa nge-Rising Girls Foundation, enikela ngamaqakelo futhi ecathulisa amantombazane. Ngonyaka wezi-2017, waba ngowokuqala wesifazane ukuba ngumgcinimafa we-Black Lawyers Association Student Chapter kanti uthi amava awathola khona yiwona amkhuthaza ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukufukula umphakathi.
Usanda kuphothula ukuthwasela umsebenzi e-Legal Aid South Africa kanti manje ulungiselela ukwemukelwa njengommeli wasemajajini.
Amagama: wuLungile Ngubelanga
Isithombe: Sithunyelwe