
I-UKZN Iklomelise Abavelele Kuma-SAICA Awards Ceremony
Click here for English version
Abafundi abaphase ngamalengiso beSikole soKuhlelwa Kwamabhuku Ezimali, Ezomnotho nezeZimali baklonyelisiwe ngokuphasa ngamalengiso emcimbini waminyaka yonke i-UKZN-South African Institute of Chartered Accountants (i-SAICA) Students’ Awards Ceremony.
Kulomcimbi wemiklomelo obusezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje kuklonyeliswe abafundi abenza unyaka wokuqala, owesibili, owokugcina namazinga aphezulu emikhakheni ehlukene.
Enkulumweni yakhe, iDini neNhloko yeSikole uSolwazi Mabutho Sibanda ibongele abathole imiklomelo emihle.
‘Sesiphinde safika lesosikhathi lapho siphinde siklomelise khona imiphumela emihle siyiSikole. Halala kwabathole imiklomelo ngemiphumela emihle eniyithole ngowezi-2020 nakuba bekunobhubhane.
‘Nikhumbule ukuthi inhloso enkulu ngukubhaliswa kuthiwe CA (SA), ngakho nikhumbule ukusebenza ngokuzikhandla, nimele iNyuvesi lapho nihamba khona, nikhuthaze abanye ukuthi bafinyelele esicongweni ngaso sonke isikhathi,’ kusho yena.
Isikhulu sesiFunda se-SAICA, uMnu Naeem Asvat sibonge ukubekezela kwabafundi ngonyaka wokufunda obunzima.
‘Nakuba unyaka ubunzima nazo zonke izinselelo enibhekane nazo, e-SAICA siziqhenya kakhulu ngani ukuthi niyibambile. Sifisa ukubonga abafundisi base-UKZN ababenegalelo basebenza ukuze nithole lemiphumela emihle. Kuzoba nezinselelo ngomuso kodwa ngiyethemba ukuthi niyokwazi ukubhekana nakho konke enihlangabezana nakho,’ kusho yena.
Abavelele ezifundweni zabo ngoMnu Thabiso Ndlovu (onyakeni wokuqala), uMnu Thabiso Nzuza (onyakeni wesibili), uNks Senamile Dlamini (onyakeni wesithathu) noNks Pauline Bidli (onyakeni wesine) bangubufakazi bomkhankaso oyimpumelelo wokukhiqiza ama-Chartered Accountant abantu abamnyama. Umhlanganiso udliwe nguNks Humairaa Moosa (obaqwaqwade bonke onyakeni wokuqala), uNks Mikailen Naidoo (obaqwaqwade bonke onyakeni wesibili), uNks Pamisha Govender (obaqwaqwade bonke onyakeni wesithathu) noMnu Sriram Maharaj (obaqwaqwade bonke onyakeni wesine noma umfundi we-PGDA).
Imenenja enkulu noma oqondene nokuqeqesha ehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele, uNks uLungile Mnqayi ibongele abafundi, yabaluleka ukuthi bazi futhi basebenzise zonke izinto eziwusizo.
‘Ehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele sikholwa wukunakekela ithalente enhlosweni yokukhiqiza ama-Chartered Accountant amasha ezweni. Sinilindele ngamehlo abomvu uma seniqeqeshelwa ukuba ngabacwaningimabhuku ehhovisi loMcwaningimabhuku.’
Evala umfundisi uMnu Rudolf Mbanjwa uthe lomcimbi ungubufakazi bokuzinikela kwe-SAICA ne-UKZN ekukhiqizeni ama-Chartered Accountant.
‘Siphila esikhathini esinzima kabi, lapho kufanele sihlale sivuseleleka khona. Izikhathi ezinjenganamhlanje zisinika ithuba lokufinyelela esicongweni. Siyaziqhenya ngokuzinikela kwezitshudeni zethu, okungumsebenzi omuhle kakhulu uma kubhekwa isimo esikhiqize lemiphumela ngaphansi kwaso,’ kusho yena.
Lomcimbi ubuxhaswe yiHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika, i-LexisNexis, i-Sherwood Books, i-PwC, i-Ernst & Young, i-BDO, i-Nexia SAB&T ne-Deloitte.
Bukela lomcimbi ku: YouTube.
Amagama: nguLungile Ngubelanga
Izithombe: Zithunyelwe